EzakamuvaIBetway Premiership

OweDowns nezinsolo ezinzima ngomdlalo wabo ne-ASFAR

SIHLE NGUBO

Kubukeka sengathi akahlalisekile kahle umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, njengoba kuzosongwa isizini ka-2025/2026.

Yize iSundowns ithele othulini iSiwelele FC ngo 7-4 emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo, kodwa lo mqeqeshi wasePortugal uqhamuke nezinsolo ezishaqisayo ngemuva komdlalo.

Ubekhuluma ngomdlalo wamanqamu weCAF Champions League abazowudlala ne-ASFAR.

Isimo ekusona iSundowns kwiBetway Premiership asiyivuni ukuthi ivikele isicoco seligi, noma ingawunqoba umdlalo wayo wokugcina ezowudlala neTS Galaxy ngoLwesibili.

I-Orlando Pirates iyimise kabi iSundowns futhi uma inqoba imidlalo emibili eyisalele (neDurban City ne-Orbit College) izoba ompetha beligi.

“Sisesimeni esingesihle uma ucabanga ukuthi ngemuva kwalowo mdlalo (neTS Galaxy), sizobe sidlala omunye wemidlalo ebalulekile ongadlalwa umdlali noma umqeqeshi neqembu,” kusho uCardoso kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Asizizwa sinokwesekwa ngalokhu.”

Ube eseveza ukuthi azokusho kungase kungehli kahle kwabanye kodwa waqhubeka nokukusho.

Uveze izinsolo zokuthi i-ASFAR, ngemuva kokuthi iSundowns idlale neKaizer Chiefs, ithole ividiyo yalo mdlalo futhi akangabazi ngomthombo wakhe.

“Ngingakutshela into eyodwa, abantu bangase bangakwamukeli engizokusho, kodwa ngiyazi i-ASFAR ngosuku olulandelayo sidlale neChiefs, ithunyelelwe ividiyo yomdlalo wethu,” kusho uCardoso.

“Ngiyazi ngalokhu ngoba kukhona owakubona. Ngakho silwa nezinto eziningi kodwa siqine ngokwanele ukuthi sibhekane nakho konke.”

Abafana Ba’Style bazobhekana neRockets eMbombela Stadium, ngoLwesibili ebusuku, emdlalweni wabo wokugcina weBetway Premiership.

Ngemuva kwalokho bazokwamukela i-ASFAR eLoftus Stadium, ePitoli, emlenzeni wokuqala womdlalo wamanqamu weCAF Champions League, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.