I-MTN 8

Bazobhabhadiswa ngobumnandi boDJ abazobuka oweMTN8 eBay of Plenty

SIHLE NGUBO

Kuzobe kuboshelwe izingqungqulu zodwa kwezobumnandi endaweni yokubuka ibhola (iPublic Viewing Area) ezokuba seBay of Plenty, eBeach Front, eThekwini, ngoMgqibelo, kusukela ngo-12 emini.

Kule ndawo yilapho abalandeli bebhola bezohlangana khona, bezobuka umdlalo wamanqamu weMTN8, ophakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi amathikithi alo mdlalo aphela ngemuva kwesikhashana eqalile ukudayiswa ngoLwesihlanu olwedlule.

Labo abasindwe izinyawo ekutholeni amathikithi, basenhlanhleni ngoba uMasipala weTheku ukhethe ukubacabangela, waqinisekisa ukuthi bazokwazi ukubuka umdlalo endaweni enhle nephephile.

Ngokusho kwabahleli balo mcimbi, konke kuya ngokuqonda ngendlela abafuna ngayo, ngakho okusele ukuthi abalandeli bafike ngothi lwabo ngoMgqibelo.

Ezokuphepha zisezingeni eliphezulu ngakho akukho ukuthatha amashansi kulabo abahlale bebona ithuba lokwenza ubugebengu.

Umqondisi weCommercial Sports Directorate eThekwini, uDkt Zakhi Mkhize, ugcizelele ukuthi kuzobe kungekho mayelana nebhola kuphela kodwa abalandeli bazojabula usuku lonke ngezindlela ezahlukene.

“I-PVA izovulwa kusasele imizuzu engu-90 ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo, okuzovumela abalandeli ukuthi bafike kusenesikhathi, bajabule ngaphambi komdlalo,” kusho uMkhize.

“Injabulo imbandakanya okuzokwenzeka ngaphambi komdlalo, ngesikhathi sekhefu nangemuva komdlalo.

“Lokhu kuzokwenza kube nenjabulo wayawaya kulo mcimbi.”

Le ndawo ngeke ivalwe uma kuphela umdlalo, njengoba kuhlelwe ukuthi abantu bazijuxuze kuze kube phakathi kwamabili.

“Abalandeli bangalindela ukuzibonela abaculi abehlukene bezibiza bukhona ngalolu suku,” kuqhuba uMkhize.

“Lokhu kuzokwengeza enjabulweni ezobe ikhona nakho konke okuthinta lo mdlalo omkhulukazi.”

Nakanjani bazobhema bakholwe abalandeli njengoba kuzobe kuboshelwe uDJ Q, uDJ Unik, uDJ Cyndo, uDJ Happygal, uFeza, uJumbo, uNtencane noDJ Cebza.

Yize kukhona abaphoxekile ngokuthi ngeke bakwazi ukuba senkundleni, ngenxa yokungawatholi amathikithi, kodwa nakanjani bazokhohlwa yilokho labo abazothamela umdlalo eBay of Plenty, ngenxa yobumnandi obuhleliwe.