UKhune uxwayisa iBafana Bafana ngokweya iKenya
SIHLE NGUBO
Owayengunozinti weBafana Bafana neKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, uthi iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika kumele ligawule libheke kwiKenya, njengoba lisazobhekana nayo emidlalweni emibili yokuhlunga ye-Africa Cup of Nations (AFCON).
IBafana Bafana ihlezi esicongweni eqoqweni layo kulandela ukunqoba imidlalo emibili ngesikhathi kudlalwa imidlalo yokuhlunga ye-AFCON ezinsukwini ezedlule.
Emdlalweni wokuqala inqobe ngo 2-1 kwiGuinea, kwathi kowesibili yadlula ngehubo lika 5-0 kwi-Eritrea.
EzikaPitso Mosimane zivale imidlalo ngokushaya i-Egypt ngo 1-0 emdlalweni wobungani, eCairo International Stadium, ngeSonto.
UKhune, obe ngunozinti wokuqina weqembu lesizwe isikhathi eside, ukholwa ukuthi iBafana Bafana ingawaqoqa wonke amaphuzu asele, bese izibekisele indawo kwi-AFCON ka-2027.
“Yebo sihleli kahle esicongweni kodwa akumele sinethezeke kakhulu,” kusho uKhune kwiSoccer Zone.
“Luselude kakhulu ukhalo. Kunamaphuzu angu-12 okumele adlalelwe, futhi khumbula sisembangweni namazwe amabili – i-Eritrea neGuinea.
“Asiyibali iKenya ngoba ingosokhaya, okuzoyenza idlale nakanjani emqhudelwaneni.
“Okumele sikwenze ukuthi sizimisele kuleyo midlalo (neKenya) ekuhambeni nasekhaya, singazithambisi.”
IKenya, eqeqeshwa uBenni McCarthy waseNingizimu Afrika, idlale ngokulingana ne-Eritrea, yase ishaywa yiGuinea ngo 1-0.
Leli lizwe lizosingatha i-AFCON ngokubambisana neTanzania kanjalo ne-Uganda. Umqhudelwano ungoJuni ngonyaka ozayo.
Ezivela eKenya zithi uMcCarthy, owanqoba i-Uefa Champions League neFC Porto, uhlezi ngesinqe esisodwa esikhundleni sakhe.
Phakathi kwezinto ezingahambi kahle, kubalwa ukungaholelwa ngesikhathi kwabadlali, okuyinto eyenza kungasebenzeki kulo mqeqeshi owake wacija AmaZulu FC.
IBafana Bafana izobhekana neKenya emidlalweni emibili yokuhlungela i-AFCON, ngoNovemba 13, ekhaya, noNovemba 17 ekuhambeni.
Ukunqoba leyo midlalo emibili kungase kwenze iBafana Bafana ikhululeke kakhulu esicongweni, isinamaphuzu angu-12.

