‘Ngingaba unozinti ongcono ngomuso,’ kusho oweChiefs
SIHLE NGUBO
Ukulimala kukakaputeni weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, kunike ithuba lokuqala lokuzibonakalisa kuRenaldo Learner emasontweni edlule.
ULearner ubevimbela iSekhukhune United ngesizini edlule, kanti ufike kuMakhosi ekuqaleni kwesizini ka-2026/2027.
UPetersen ubeseqala ukwenza amaphutha alahlekisele iChiefs ngamaphuzu abalulekile, nokumcindeze kakhulu lo nozinti.
Ngesikhathi kuvela ukuthi ulimele abanye abalandeli bajabulile, bathi ake kunikwe uLearner ithuba.
Lo nozinti udlale umdlalo wakhe wokuqala egqoke imibala yaMakhosi, ngesikhathi ebhekene neLamontville Golden Arrows, koweBetway Premiership, eMbombela Stadium, ngaphambi kwekhefu leFIFA.
Lo mdlalo uphele zibambene ngo 0-0, nobekuchaza ukuthi uLearner akazange alidedele igoli emdlalweni wakhe wokuqala edlalela iChiefs.
Ngaphezu kwalokho kunamabhola amabi awavimbile, okwenze wanconywa kakhulu abalandeli baleli qembu laseNaturena.
“Kungijabulise kakhulu ukudlala umdlalo wami wokuqala, ngoba bekuhlezi kuyiphupho lami ukudlalela iKaizer Chiefs, engelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika,” kusho uLearner kwi-website yeChiefs.
Ukuqala kahle kwalo nozinti, oneminyaka engu-28, kungenzeka kwenze abalandeli beChiefs bakholwe ukuthi uzokwemuka ijezi uPetersen, ikakhulukazi ngemuva kokwenza amaphutha.
“Ngikwaze ukuvimba kahle ngoba ngiye emdlalweni nginokuzethemba futhi ngizimisele, okwenze ngakulungela ukudlala,” kuqhuba uLearner.
UPetersen akulindelekile ukuthi abe eseluleme uma kubuya imidlalo yeBetway Premiership, nokuzonika uLearner ithuba lokuqhubeka nokuzifaka ezinhliziyweni zabalandeli baMakhosi.
“Ngibona nginekusasa eliqhalazile lapho ngingaba unozinti ongcono ngomuso, ngenze izinto ezinkulu,” kuphetha lo nozinti.
IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana neStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesibili, ngo-7.30 ebusuku.

