IBetway Premiership

UShabalala ucishe ugesi weMagesi usho ukubhubhisa iChiefs 

SIHLE NGUBO 

UMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs ucishe ugesi weMagesi FC usho ukuyishisa (iChiefs) emdlalweni weBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesithathu ebusuku.

Lo midlalo ugcine uphele ngo 2-2 yize iMagesi beyihamba phambili ngo 2-0 sekumele imizuzu engu-17 kuphele umdlalo.

Ngaleso sikhathi bekubukeka sengathi omakoti bePremiership bazophinda abakwenza kwi-Orlando Pirates beyishaya ngo 3-2 emdlalweni weCarling Knockout emasontweni edlule.Umdlalo uqale kuyiChiefs ebicindezela futhi iphaselana ibhola kahle. Nokho iMagesi ihlasele kanye yalibeka phakathi ibhola ngekhanda likaWonderboy Makhubu, ngomzuzu wesithupha.

Ngemuva kwalokho iqhubekile iChiefs nokuhlasela kodwa walokhu ephikile unozinti weMagesi u-Elvis Chipezeze. Ziye ekhefini kungu 1-0.

Ngesiwombe sesibili iChiefs yenze ushintsho kodwa iMagesi yagcina ingavumanga ukudedela igoli.

Ngomzuzu ka-72 u-Edmore Chirambadare ushaye igoli obekubukeka sengathi seliyingcwabile iChiefs.

Nokho uShabalala ubuyise ithemba kwiChiefs eshaya igoli ngomzuzu ka-77. Ubuyile futhi uShabalala ngomzuzu ka-78 washaya igoli lokulinganisa kwachwaza inkundla.

“Bekungewona umdlalo omuhle kithina. Sidedele amagoli angenasidingo,” kusho uShabalala kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Kumele sibeke imiqondo yethu ekuqabuliseni ibhola inethi. Kumele sibancome abadlali abangenile bawushintshile umdlalo.

“Kodwa okubalulekile manje ukubheka emdlalweni olandelayo esizowudlala neMamelodi Sundowns.”

IChiefs izokwamukela iSundowns emdlalweni we-quarterfinal yeCarling Knockout eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.