EzakamuvaIkhilikithi

Ushintsho kumaProteas ngaphambi kweTest yesibili ne-Australia

ZINHLE NGUBANE

Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lekhilikithi, amaProteas, selimemezele abadlali abangu-17 abazoba yingxenye yeqembu elizobhekana ne-Australia emdlalweni wesibili wochungechunge lweDafabet Test, eDafabet St George’s Park, eGqeberha kusukela ngeSonto.

Lesi simemezelo senziwe ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika ithelwe othulwini kabuhlungu yi-Australia ngama-run angu-214, kwiTest yokuqala, eHollywoodbets Kingsmead Stadium, eThekwini.

Lokhu kushiye imibuzo ngeqembu laseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abadlali ababhethayo.

Kwenziwe ushintsho olulodwa eqenjini elidlale umdlalo wokuqala, njengoba uMatthew Breetzke ezothatha indawo kaTristan Stubbs, kanti uRyan Rickelton uzoba yi-wicketkeeper emdlalweni wesibili.

Umqeqeshi wamaProteas, uShukri Conrad, uthe ukukhethwa kukaBreetzke kuhlobene nokudlala kahle kwakhe, ikakhulukazi emidlalweni yosuku olulodwa, nesimo somqondo nobuyena, akholwa ukuthi kuzolisiza iqembu.

UConrad ugcizelele ukuthi uBreetzke akamusha neze emidlalweni yeTest.

“UMatthew ubeyingxenye yeqembu phambilini, lapho adlala khona umdlalo owodwa weTest eBangladesh, nomunye eZimbabwe,” kusho uConrad.

“Ukudlala kahle kwakhe emidlalweni yosuku olulodwa nokushaya o-50, yikona okumfake ethubeni lokukhethwa.

“Okubaluleke kakhulu yisimo somqondo nobuyena, engikholwa ukuthi kuzomsiza kakhulu.”

Mayelana, noRickelton ozothatha umsebenzi wokuba yi-wicketkeeper, uConrad uthe kusenengxoxo okumele yenziwe ngendima yakhe ekubhetheni, nokuthi uzoqhubeka yini nokuvula noma ehlele kwenye indawo ohlini lwababhethayo.

Uveze ukuthi izimo zenkundla nesimo sezulu, nakho kuzoba nomthelela esinqumeni sokugcina ngabadlali abangu-11 abazongena enkundleni.

“Njengoba uRickelton esezophatha umsebenzi wokuba yi-wicketkeeper, kusamele sinqume ukuthi uzoba kuphi ohlini lwababhethayo,” kuqhuba lo mqeqeshi.

“Sizobheka nezimo zenkundla nesimo sezulu, ikakhulukazi uma isibikezelo sezulu singesihle ngosuku lokuqala. Kunezinto ezimbalwa okufanele sizicabangele ngaphambi kokuthatha isinqumo sokugcina ngabangu-11,” kusho uConrad.

Yize behluliwe emdlalweni wokuqala, uConrad uthe ikhefu phakathi kwemidlalo linikeze iqembu ithuba lokuzilungisa nokubheka izinto okufanele bazithuthukise ngaphambi kokuqhubeka nochungechunge.

Uveze ukuthi bazimisele ukubuyela esimeni esihle, wathi iGqeberha yindawo efanele yokuqala kabusha.

“Sinethuba lokuzilungisa, siphole emanxebeni, siqinisekise ukuthi siyakwazi ukubuyisela izinto endleleni efanele. Ayikho indawo engcono yokuqala kabusha kunaseGqeberha,” kusho uConrad.

Kulo mdlalo kulindeleke ukuthi adlale umshibi uKagiso Rabada, ongadlalanga eThekwini ngenxa yokuthi ubesazama ukwelulama ngokuphelele.

Abadlali bama-Proteas beTest yesibili:

Temba Bavuma (ukaputeni) Marques Ackerman, David Bedingham, Corbin Bosch, Matthew Breetzke, Gerald Coetzee, Simon Harmer, Marco Jansen, Keshav Maharaj, Aiden Markram, Wiaan Mulder, Senuran Muthusamy, Anrich Nortje, Dane Paterson, Kagiso Rabada, Ryan Rickelton, Kyle Verreynne