EzakamuvaIbhola lombhoxo

Ushonele eFrance umdlali webhola lombhoxo waseNingizimu Afrika

INTATHELI YEMPEMPE

Umdlali weqembu lebhola lombhoxo laseNingizimu Afrika, iLions, utholakele eshonile ngaphambi kokuthi leli qembu libhekane neLa Rochelle, emdlalweni we-Investec Champions Cup, eStade Marcel Deflandre, eFrance, ngoMgqibelo ngo-6.30 ntambama.

Ngokubika kwe-ICI La Rochelle, lo mdlali oneminyaka elinganiselwa ku-30, utholwe enganyakazi eshaweni, ehhotela okuhleli kulona iqembu, ngoLwesihlanu ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo babiziwe ukuthi beze ehhotela eSainte-Marie-de-Ré, ngemuva kancane kuka-10.20 ekuseni ngoLwesihlanu.

Kukholakala ukuthi ubesaphefumula ngesikhathi kufika abosizo lokuqala ehhotela.

Imizamo yokumsiza ayizange iphumelele njengoba ephelele khona lapho.

I-ICI La Rochelle ibike ukuthi imithombo embalwa isiqinisekisile lesi sigamelo.

Abaphathi behhotela eHôtel Atalante – Relais Thalasso, lapho iLions ihlezi khona ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo weChampions Cup neLa Rochelle, baqinisekise ukuthi usizo ngokomqondo seluhleliwe ukulekelela abasebenzi basehhotela namalungu eqembu laseNingizimu Afrika.

ILions ikhiphe isitatimende lapho iqinisekise khona ukuthi lo mdlali uHyron Andrews, obeneminyaka engu-31.

Amanye amaqembu ebhola lombhoxo, aseNingizimu Afrika, ayodlala phesheya njengoba kuqhubeka imidlalo yesizini entsha yebhola lombhoxo.

IHollywoodbets Sharks nayo iseFrance lapho izodlala khona umdlalo we-EPCR Challenge Cup neLyon, eStade de Gerland, ngoMgqibelo.

Akungabazeki ukuthi lezi zindaba zizokwehla kabuhlungu kubo bonke abadlali bebhola lombhoxo, ikakhulukazi baseNingizimu Afrika.