Owayevimba kwiDowns ujabulela ukuhlangana nayo kwiCarling Cup
ZINHLE NGUBANE
Umqeqeshi omusha weMarumo Gallants, uRonnie Kanalelo, ukubheke ngabomvu ukubhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weLast 16 yeCarling Knockout Cup ka-2026.
Uveze lokhu ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azogadulisana kulo mqhudelwano, eGoli, ngoLwesithathu ebusuku.
UKanalelo ugqame kakhulu evimbela Abafana Ba’Style phakathi kuka-1997 no-2005.
Empeleni le ngwazi yaseNamibia, eneminyaka engu-55, alikho elinye iqembu eke yalidlalela kwiPremier Soccer League (PSL), ngaphandle kweSundowns.
Lo mqeqeshi uke wasebenza njengomqeqeshi wonozinti kwiMaritzburg United neBloemfontein Celtic, ngemuva kokuwagaxa emgibeni amagilavu akhe.
KuKanelelo ukuqhathwa neqembu alidlalele iminyaka eyisishiyagalombili, kusho ukuvivinyeka akudingayo neqembu asanda kufika kulona, iGallants.
Uphinde wakhuluma kahle ngenqubekela phambili yeqembu emasontweni amane edlule, wathi abadlali sebeyamukele indlela yakhe yokusebenza.
“Ngibe nesikhathi esihle neSundowns eminyakeni edlule, kodwa sizosebenza kanzima ukuze sithole imiphumela emihle njengoba singaphumelelanga ngesizini edlule,” kusho uKanelelo.
“La masonto amane edlule abe mahle, futhi abadlali sebengamukele.”
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, uthe iCarling Knockout Cup ingenye yezindebe wonke amaqembu afisa ukuziphakamisa.
Nokho ubalule ukuthi ukuba nemidlalo eminingi ngesikhathi esisodwa kungaletha ubunzima.
“Yindebe enhle kakhulu, futhi wonke umuntu uyathanda ukuyiphakamisa. Kuzoba nzima ngoba sizoba nemidlalo eminingi okuzodingeka siyidlale phakathi naleso sikhathi,” kusho uCardoso.
ISundowns izoqala umkhankaso wokuvikela iCAF Champions League ngempelasonto, kanti nemidlalo yeBetway Premiership izobe ingamile.
Imidlalo yeLast 16 yeCarling Knockout Cup:
Kruger United v AmaZulu FC
Mamelodi Sundowns v Marumo Gallants
Lamontville Golden Arrows v Chippa United
Durban City v Stellenbosch FC
Orlando Pirates v Milford FC
Polokwane City v Siwelele FC
Sekhukhune United v Richards Bay FC
Kaizer Chiefs v TS Galaxy

