UDa Cruz kumele azame ukupholisa abalandeli beChiefs ngokunqoba indebe
ZINHLE NGUBANE
Indlela izinto ezimi ngayo kwiKaizer Chiefs, selokhu kuqale isizini, bekumele leli qembu laseNaturena lisheshe linqobe indebe ukuze lehlise ulaka lwabalandeli.
Umqeqeshi waMakhosi, uFernando Da Cruz, uzithola ecindezeke kakhulu njengoba iqembu selidlale imidlalo emihlanu ngokulingana, kweyisishiyagalombili yeBetway Premiership eseliyidlalile.
Ngaphezu kwalokho iChiefs isheshe yawasha ijezi kwiMTN8, lapho ishaywe khona yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0.
Mhlawumbe kulokho abalandeli ngeke bakhombe iminwe kakhulu kumqeqeshi, ngoba iphutha lenziwa ukaputeni, uBrandon Petersen, ededela igoli kungenasidingo.
Ngemuva kokubambana ngo 1-1 neStellenbosch FC ngoLwesibili ebusuku, abalandeli beChiefs badinwe bagane unwabu, futhi abakufihli lokho ezinkundleni zokuxhumana.
Bakhala ngokubophela abadlali abayisithupha basemuva kulo mdlalo, abakholwa ukuthi uDa Cruz wenze iphutha futhi ubeyesaba iStellies.
Ngemuva komdlalo iphini lomqeqeshi, uDillon Sheppard, livike ngokuthi iChiefs ilinyalelwe abadlali, ngakho bekuphoqa ukuthi basethe isikimu ngendlela abenze ngayo.
IChiefs izobhekana neTS Galaxy FC emdlalweni weCarling Black Label Knockout Cup, ozodonsa amehlo abalandeli abaningi.
Nakanjani leli qembu laseNaturena lizoya kulo mdlalo linengcindezi enkulu yokwenza kahle, lidlulele kuma-quarterfinal.
Umqeqeshi weChiefs, uDa Cruz, uzobe efuna ukuhola iqembu lakhe lidlulele esigabeni esilandelayo, futhi kumele azame ukubuyisa isithunzi sakhe kubalandeli baMakhosi.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi banethemba lokwenza kahle kulo mqhudelwano.
“Kuzoba ngokokuqala ngqa ngiqeqesha kule ndebe, kodwa nginethemba lokuthi sizowina,” kusho Da Cruz, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iCarling Knockout Cup, ngoLwesithathu.
IRockets nayo ayenzi kahle selokhu kuqale isizini, kodwa imidlalo yemikhumulajezi ayifani nhlobo neyeligi.
Umqeqeshi weGalaxy, u-Esau Mtsweni, naye uthe iqembu lakhe lifuna ukudlulela esigabeni esilandelayo, yize bevuma ukuthi kuzoba umdlalo onzima.
“Sinethemba elikhulu lokudlulela emzuliswaneni olandelayo, nakuba sazi ukuthi ngeke kube lula,” kusho uMtsweni kafushane.
NgoMgqibelo iChiefs izoqala umshikashika weCAF Confederation Cup, lapho izobhekana neRed Arrows, yaseZambia, eLevy Mwanawasa Stadium, ngo-3 ntambama.
Ukushaywa kulo mdlalo kungayicindeza kakhulu kunakuqala iChiefs, ngakho kumele ilwe eZambia.
Umlenze wesibili useMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.

