EzakamuvaIbhola

Lishaqisile elePSL limisa umqeqeshi obenza kahle

Azicaci izizathu ezenze ukuthi iqembu lePremier Soccer League limise emsebenzini umqeqeshi walo njengoba izinto bezihamba kahle ngaphansi kwakhe.

Sekuqubuke imibiko yokuthi iSekhukhune United inikeze umqeqeshi uLehlohonolo Seema ‘ikhefu elikhethekile’ njengoba sekusele imidlalo emibili kusongwe iDStv Premiership.

Lesi sinqumo siyamangaza njengoba iqembu lisazocacisa ngesizathu sokuthi kungani lo mqeqeshi odabuka eLesotho engeke ahlale ebhentshini emidlalweni esele.

IBabina Noko izodlala naMaZulu kule mpelasonto ezayo, bese ivala isizini neChippa United.

USeema uqokwe ngoNovemba nyakenye kulesi sikhundla, ethatha izintambo kuBrandon Truter owaxoshwa ngoba ephikwa imiphumela.

Ngokubika kweSABC Sport, lesi sinqumo sokumisa uSeema manje emsebenzini kungenzeka sikhomba ukuthi ijazi lizogcala umoya kuye ekupheleni kwesizini. 

USeema unikezwe inkontileka yeminyaka emithathu yiqembu, futhi kube nemiphumela emihle. 

Kumanje iSekhukhune isethubeni elihle lokuqeda okungani endaweni yesine kwilogi, lokhu osekwenzeka kuyamangaza.

USeema uphathe imidlalo engu-21 isiyonke, wanqoba eyisishiyagalombili, wadlala ngokulingana eyisishiyagalolunye wahlulwa kwemine kuphela. 

Kuvela ukuthi iphini lakhe, uMacDonald Makhubedu noPaulus Masehe yibona abazobamba kulo msebenzi kuze kusongwe isizini.