IKaizer Chiefs isingenele umbango wokusayina umgadli weGallants
By Njabulo Shezi
Kuzothatha amehlo ukubona ukuthi umgadli ozakhele igama kule sizini esanda kuphela, uRanga Chivaviro uphelelaphi njengoba neKaizer Chiefs seyingenile embangweni wokumsayina.
UChavaviro ugile izimanga emkhankasweni weMarumo Gallants kwiCaf Confederation Cup yize ehlulekile ukuyisiza ivike izembe kwiDStv Premiership.
Ushaye amagoli angu-17 kule sizini. Ayishumi uwashaye kwiPremiership kwathi ayisikhombisa wawashaya kwiConfed Cup.
IGallants ihluleke esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwiConfed Cup kanti kwiPremiership yiyo eqede endaweni yokugcina.
Manje usephenduke inyama lo mgadli njengoba kuvela ukuthi iYoung Africans yaseTanzania neKaizer Chiefs bazibhekile kuye. Womabili lamaqembu kuthiwa asesifakile isicelo sokumthenga.
UChivaviro, oneminyaka engu-30, usasalelwe wunyaka kwinkontileka yakhe neGallants kodwa leli qembu lithi ngeke limnqabele uma kukhona abamfunayo.
“Sizohlala phansi nemenenja yakhe sixoxe ngekusasa lakhe njengoba thina sesiyodlala kwiMotsepe Foundation Championship nje.
“Impela siyivuselelile inkontileka ngokombandela ebesinawo kule yonyaka afike ngayo,” ucashunwe esho kanje usihlalo weGallants u-Abram Sello ngabeFar Post.
UChivaviro yena uthe akakhethile ukuthi uzodlalaphi kodwa lokho yinto azoyibeka ezandleni zemenja yakhe ukuthi ibhekane nakho.
“Uyena (imenenja) ezongithinta ingazise. Uyakwazi engikufunayo. Okwamanje mina ngifuna ukukhohlwa yibhola ngike ngiyonaka umndeni wami.
“Ngifuna ukuchitha isikhathi nomkami nendodakazi yethu ngoba besimatsa kule sizini,” kusho lo mgadli.
Kuwo lo mbiko kucashunwe nomthombo osondelene neKaizer Chiefs uqinisekisa ukuthi leli qembu lizibhekile kuChivaviro.
FUNDA NALA: Sibi isimo kowaduma kuMaZulu oxoshwe yintombi emzini wakhe
“Impela iKaizer Chiefs seyike yathintana nemenenja kaRanga yasiveza isifiso sayo sokumsayina.
“Uma konke kuhambe kahle, bazohlanga kulo leli viki baxoxisane ngokuthi kuyasebenzeka yini,” kusho lo mthombo.