EzakamuvaISafa

ISAFA inike uDoctor Khumalo isikhundla esibalulekile

SIHLE NGUBO

Ubuholi obusha beSouth African Football Association (SAFA), buveze igama likaDoctor Khumalo kumalungu ayo amasha azosebenza ngaphansi kwale nhlangano yebhola yaseNingizimu Afrika.

Ngempelasonto umengameli weSAFA, uDanny Jordaan, uveze bonke azosebenza nabo, ukuya phambili, njengoba eqhubeka nokuqhoqhobala lesi sikhundla.

UJordaan ubebanga isikhundla sokuba umengameli weSAFA noSandile Zungu, ongumengameli waMaZulu FC, ngenyanga edlule.

Sekungumlando ukuthi uJordaan ubuyiselwe kulesi sikhundla ngo-olethu, wamshiya kude kakhulu uZungu ngamavoti.

Njengokujwayelekile iphini lokuqala likamengameli weSAFA, usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza.

Lokhu kuba yinto ebaluleke kakhulu ukwenzela ukusebenza kahle ngokubambisana, phakathi kweSAFA nePSL

UTankiso Modipa uyena kuphela omusha oyiphini likamengameli weSAFA kulobu buholi obethuliwe.

Ungene endaweni kaBennet Bailey ongasekho njengoba iya phambili inqola eshayelwa uJordaan.

Abanye abakhona njengamaphini kaJordaan, uLinda Zwane no-Anastasia Tsichlas.

Nokho izindaba ezizojabulisa kakhulu abalandeli bebhola eNingizimu Afrika, ezokuthi iSAFA inike uKhumalo, owayedlalela iKaizer Chiefs neBafana Bafana, isikhundla kwiTechnical Committee yayo.

Njengamanje u-16V, njengoba aziwa kunobhutshuzwayo kuleli, ungumhlaziyi webhola kwiSABC.

Sekukaningi kukhalwa ngokuthi abadlali bakudala abayona ingxenye yeSAFA ngokuphelele, yize kukuningi okuhle abangakwenzela le nhlangano.

Empeleni abalandeli bebhola abaningi bakhohlwa ukuthi umengameli weSAFA kumele kube omunye wabadlali abadala, asebeke bayibamba kwiBafana Bafana.

Sekuke kwavela kaningi ukuthi uLucas “Rhoo” Radebe uyafuna ukungenela ukhetho lukamengameli weSAFA ngelinye ilanga.

“Siphinde sakhetha uJack Maluleke njengomengameli weSAFA Technical Committee,” kuchaza uJordaan ngempelasonto.

“Sibe sesiqoka uDoctor Khumalo ukuthi abe yiphini kwiTechnical Committee, ngakho ningakhuluma naye.

“Sengikhulume naye futhi ujabule ngokuthi asebenze kule Technical Committee yeSAFA.”