Isisombululo seSundowns ngesibalo sabokufika eqenjini
Kuzophindiswa uJunior Mendieta emuva kwiStellenbosch FC ukuvula isikhala somdlali omusha kwiMamelodi Sundowns.
Lezi zindaba zivele ngoLwesibili njengoba kulindeleke kutheleke kuleli uMatias Esquivel ukuzojoyina iSundowns.
U-Esquivel, ongowase-Argentina futhi obedlala kwiligi yakhona enkulu, uzojoyina iSundowns njengoba kuvulwe iwindi likaJanuwari.
Inkinga ke wukuthi iSundowns inabadlali abevile esibalweni esivumelekile sokusayinwa kwabangaphandle kwakuleli.
Kumanje isezinhlelweni zokubhalisa uDivine Lungu waseZimbabwe njengowakuleli ngokuthi sesiside isikhathi afika kuleli.
Noma kunjalo izosala nabadlali abahlanu bangaphandle okwenza kudingeke ichithe oyedwa ukuze kuvuleke isikhala.
Yingakho ke ngokubika kwe-Unplayable kuzodedelwa uMendieta abuyele kwiStellies la emthenge khona ekuqaleni kwesizini.
Ngokwalo mbiko uMendieta uzobolekiswa kwiStellies kuze kube sekupheleni kwesizini.
Lesi senzo seSundowns singase sisuse ukukhuluma kokuthi samsayinioswa umona lo mdlali njengoba beyivele ingamdingi.
Ngesikhathi imsayina ubebhekwe ngabomvu yiKaizer Chiefs okungangabazeki ukuthi ngabe ungomunye wabadlali abaphambili kuyo.
FUNDA NALA:Â U-Ofori uya kwi-Afcon, kusale abavimba njalo kwiBucs
Esikhaleni sakhe iChiefs ize yaya eVenezuela la ithole khona u-Edson Castillo odlala indawo ecishe ifane noMendieta.

