EzakamuvaI-CAF Confederation Cup

UDa Cruz nomyalezo obalulekile kubalandeli beChiefs

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs izoya emlenzeni wesibili weCAF Confederation Cup inengcindezi enkulu, ngemuva kokushaywa yiRed Arrows ngo 1-0 emlenzeni wokuqala, eLevy Mwanawasa Stadium, eZambia, ngoMgqibelo.

Kulo mdlalo weCAF Confederation Cup Amakhosi aye evele engenakho ukuzethemba okutheni, njengoba izinto zingawahambeli kahle emidlalweni yeBetway Premiership.

Konke lokhu kumcindeza kakhulu umqeqeshi weChiefs, uFernando Da Cruz, osevele unuka umzondo kubalandeli baMakhosi.

Abalandeli beChiefs bashaya amakhala ngendlela asetha ngayo isikimu sakhe uDa Cruz, futhi bakhona asebefuna abone ebheke eFrance, lapho edabuka khona.

“Asidlalanga kahle ngesiwombe sokuqala. Awekho amathuba amaningi esiwakhile okushaya amagoli,” kusho uDa Cruz ngemuva komdlalo.

“Ngesiwombe sesibili senze iphutha lokudedela igoli kade kuyikhona. Manje kumele sibheke emlenzeni wesibili ngoba siyazi singawunqoba.”

Kuvela ukuthi uDa Cruz uke wakhononda ngenkundla abebezodlalela kuyona ngaphambi komdlalo.

Ephawula ngalokho uthe: “Yona inkundla ibingekho esimeni esihle ukuthi sidlale umdlalo wethu esiwujwayele.

“Nokho kumele sibhekane nalezo zimo futhi ngikholwa ukuthi abadlali bazamile ukwenza lokho.”

Ube esebuzwa ngengcindezi abhekene nayo njengoba iqembu lingenzi kahle kuyo yonke imiqhudelwano eliyidlalayo.

“Kusukela ngosuku lokuqala nginengcindezi futhi nanamuhla benginayo,” kusho uDa Cruz.

“Asisheshi ngendlela efanele uma sihlasela… okubalulekile ukuthi siqhubeke nokusebenza kanzima izinto zizojika zivune thina.”

Lo mqeqeshi uthe akukho okwenziwe yi-Arrows kulo midlalo, abebengakulindele nabangakwazi.

“Besiwulungele umdlalo futhi siyazi ukuthi badlala amabhola amade aya phambili.

“Akukho okutheni abakwenzile ngaphandle kokuthi sidedele igoli kade kuyikhona.

“Ngaphandle kwalokho sidlale kahle futhi yithina ebesiphethe umdlalo.”

IChiefs izokwamukela i-Arrows eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.

Amakhosi kumele ashaye amagoli amabili kulo mdlalo, bese angadedeli, ukuze adlulele emidlalweni yamaqoqo kwiConfederation Cup.

“Siyazi ukuthi (abalandeli) abeneme ngoba kwiPSL asishaywa kodwa asiwini, kanti nanamuhla (ngoMgqibelo) sishayiwe emlenzeni wokuqala.

“Kodwa siyabadinga ukuthi baseseke ekhaya. Siyazi ukuthi singawunqoba lo mdlalo sizibekisele indawo (emidlalweni yamaqoqo),” kuphetha uDa Cruz.