Umqeqeshi we-Arrows ukhala ngokugeja amagoli kwabadlali bakhe
ZINHLE NGUBANE
Ukungawasebenzisi kahle amathuba okushaya amagoli, kuqhubekile nokuhlupha iLamontville Golden Arrows, ehlulwe ngo 1-0 yiMilford FC emdlalweni weBetway Premiership, eKing Goodwill Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ntambama.
Abafana Bes’thende bathole inqwaba yamathuba kulo mdlalo, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala, kwathi iMilford FC yabajezisa ngokushaya igoli elilodwa lokunqoba umdlalo ngesiwombe sesibili.
Okugqame kakhulu wukwehluleka kukaJunior Dion, obengomunye wabadlali abebebhekwe ngabomvu ukuthi bangasiza iqembu lishaye amagoli.
UDion uqede isizini edlule enamagoli angu-14, okumenze waba ngumgadli obalulekile kwi-Arrows.
Nokho kule sizini ka-2026/2 usebhekene nobunzima bokuphinda akhombise izinga abekulona ngesizini edlule.
Ukushoda kwamagoli kubadlali abake baba ngabashayi magoli abahamba phambili, akuyona into entsha ebholeni laseNingizimu Afrika.
Abadlali okubalwa kubo uTshegofatso Mabasa, uPeter Shalulile, uBradley Grobler, uGabadinho Mhango, uKhanyisa Mayo noLucas Ribeiro, bake babhekana nezikhathi lapho bebekuthola kunzima khona ukuqhubeka nezinga labo lokushaya amagoli.
KwiBetway Premiership yale sizini, uThandolwenkosi Ngwenya, waMaZulu FC, nguyena ohamba phambili ngamagoli ayisishiyagalombili, nokuyisibalo esikhombisa ukuqala kahle emkhankasweni ka-2026/27.
Umqeqeshi we-Arrows, uPitso Dladla, uthe iqembu lakhe liqale kahle, kodwa lehluleka ukuguqula amathuba alo abe amagoli.
“Ngicabanga ukuthi siqale kahle kakhulu. Silawule isiwombe sokuqala, kanti emizuzwini eyishumi yokuqala bekufanele ngabe bese sishaye okungenani amagoli amabili,” kusho uDladla ngemuva komdlalo.
“Besidlala siya phambili, kodwa lokhu (ukushaya amagoli) yikhona obekusehlula. Uma silawula umdlalo futhi sithola amathuba, siyaye sehluleke ukushaya amagoli. Kodwa siqhubekile nokuzama ukuthola igoli.”
Uthe esiwombeni sesibili, uzame ukukhuthaza abadlali ukuthi baqhubeke nokwenza izinto ngendlela efanele.
“Bekuyisimo sokuthatha izinqumo ezifanele. Sizamile ukuphusha esiwombeni sesibili, kodwa njengoba bese siphelelwa wukubekezela sifuna igoli, asibange sisakwazi ukudlala ngendlela ebesidlale ngayo esiwombeni sokuqala, lapho besizakhela khona amathuba ngesineke.
“Sibe sesilahlekelwa yibhola kalula, sahlawuliswa ngalokho. Sizamile ukubuyela emdlalweni, kodwa ngeshwa asikwazanga ukushaya igoli lokulinganisa,” kuchaza lo mqeqeshi.
Emidlalweni eyisishiyagalombili i-Arrows isanqobe owodwa, yase idlala ngokulingana emihlanu.
Akungabazeki ukuthi lokhu kumcindeza kakhulu uDladla njengoba imidlalo yeligi iqhubeka.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi ukulungisa le nkinga ngeke kugcine ngokusebenza ngokomzimba nangobuchule kuphela, kodwa kuzodingeka ukuthi abadlali basebenze nasohlangothini lwengqondo.
“Kwesinye isikhathi akukhona nje ngokwesiqu sakho somzimba, ngobuchule noma ngokuma kwakho enkundleni,” kuqhuba uDladla.
“Kumayelana nomqondo. Uqine kangakanani emqondweni? Uyakwazi yini ukuzithiba, uhlale uzothile futhi uzethembe uma uphambi kwepali?
“Sidinga ukusebenza kakhulu nabo ngokomqondo. Uma sibheka indlela esifika ngayo ezindaweni zokushaya amagoli, siyakwenza lokho. Inselelo enkulu njengamanje ingeyemqondo.”

