UPochettino akayithandanga eyokubangwa kwephenathi abeChelsea
SIHLE NGUBO
UMauricio Pochettino, oqeqesha iChelsea FC, uyayigxeka indlela abenze ngayo abadlali bakhe ngesikhathi bebanga ukuthi ubani ozoshaya iphenathi.
IChelsea ibhaxabule i-Everton ngo 6-0 emdlalweni we-English Premier League (EPL) ngoMsombuluko ebusuku.
Kulo mdlalo iChelsea ithole iphenathi ngesiwombe sesibili eStamford Bridge, ngemuva kokuthi uCole Palmer, oshaye amagoli amane, edlaliswe kabi ngu-Abdoulaye Doucoure we-Everton.
UNoni Madueke noNicolas Jackson babonakale bebanga ibhola ebhokisini, kudonsiswana ngokuthi ubani obezoshaya iphenathi.
Kungenelele nabanye abadlali beChelsea ukulamula. Kodwa kube ukaputeni uConor Gallagher othathe ibhola kuMadueke walinika uPalmer, othathe iphenathi wayibeka phakathi.
Ekhuluma neSky Sports uPochettino uthe: “Yinto engeyinhle le. Bengitshela abadlali lokho kungekudala.
“Sibe nomhlangano nabo bonke abasebenzi ngachaza. Kimina kuyihlazo.
“Ngeke sikwazi ukuziphatha kanje. Ngibatshelile ukuthi kuyagcina ukuthi ngingemukela indlela enje yokuziphatha.”
Ngokuvamisile uma iChelsea ithola iphenathi umdlali oyithathayo uPalmer.
“Ngikwenze kwacaca namuhla, eqenjini nakubalandeli ukuthi uCole Palmer uyena osishayela amaphenathi,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Uma uPalmer efuna ukunika ibhola omunye umdlali akunankinga, kodwa hhayi ngale ndlela.
“Yisimo esingemnandi lesi esenzekile futhi ngeke ngiphinde nje ngisamukele.”
FUNDA NALA: Usaxoxa neDowns uMngqithi, eyeChiefs ayikakhulunywa
Yize beke baphazamisana, laba badlali bagcine sebekhobisa ukuthi seyidlulile ngokuthi bangane.