Ibukeka inkulu inzondo phakathi kukaJerry Sikhosana nePirates
INTATHELI YEMPEMPE
Owayengumgadli we-Orlando Pirates, uJerry Sikhosana, uthi akaziboni njengenkakha yaleli qembu uma ebheka indlela aphathwa ngayo yilona.
ULegs of Thunder, njengoba ayaziwa esashaya amagoli kwiBucs, ungomunye wabadlali abasiza iPirates ukuthi inqobe iCAF Champions League ngo-1995.
EZimnyama zaqopha umlando ngokuqukula le ndebe, njengoba zaziyiqembu lokuqala ukwenza lokho e-Afrika eseNingizimu.
Nakanjani uSikhosana ungomunye wabadlali abadala okumele bahlonishwe kuleli qembu, uma kubhekwa amagalelo akhe.
Ngaphandle kokunqoba iChampions League neBucs, uSikhosana ubeshukumisa izinto uma iPirates ibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni womkhaya waseSoweto.
Ekhuluma kwiKasi Jam Podcast, uzwakalise ukungeneliseki nakancane ngendlela iqembu elimphatha ngayo.
Uveze ukuthi ngezinye izikhathi ubefuna ukuya emidlalweni yePirates kodwa wancishwa amathikithi yiqembu alenzela izinto ezinkulu kangaka.
“Ngesinye isikhathi ngaze ngacela izimbangi zePirates ezindala, iKaizer Chiefs, ukuthi zinginike amathikithi okuyobuka umdlalo womkhaya waseSoweto, uJessica Motaung wanginika ithikithi leVIP ngaphandle kokungabaza,” kusho uSikhosana.
“Ngike ngazithola ngimi kulayini emvuleni, nabalandeli, ukuze ngithole ithikithi lokuyobuka umdlalo wePirates.”
USikhosana uthe ulimele futhi uphoxekile ngendlela iqembu eliphatha ngayo izinkakha zalo.
Izinkakha zamaqembu ziyahlonishwa futhi zinikwa indawo yazo ngoba ziyohlale zikhona emlandweni.
Yizona izinkakha ezakha ibheji leqembu, zanqoba izindebe zaphinde zanika abalandeli izikhathi ezimnandi ezingasoze zazilibala.
Ukuzihlonipha nje ngokuthile okufana namathikithi ebhola, amajezi eqembu nokuzimema emicimbini, kumele kube yinto engekho nzima.
Amaqembu afana neChiefs kanjalo neMamelodi Sundowns ayakwenza lokho, futhi izinkakha zawo ezibalulekile ziyamenywa emidlalweni emikhulu nasemicimbini ebalulekile.
ULucas Radebe akaconsi phansi kwiLeeds United, yase-England, ayengukaputeni wayo.
Uma iLeeds inemicimbi noma ibungaza okuthile, akasali uRadebe, owake wadlalela iChiefs neBafana Bafana.
Muva nje basanda kumenza inxusa leqembu, wethulwa phambi kwenqwaba yabalandeli enkundleni – bavele bamhlonipha kakhulu abalandeli beLeeds uRadebe.
Nokho kusobala lukhulu olubangwa uSikhosana nePirates, njengoba eke wacashunwa yiSportswire eshaya amakhala ngokunqoba kwayo isicoco seBetway Premiership.
“Angizizwa ngijabule. Abantu bathi ngemuva kweminyaka engu-14 kube umsebenzi onzima, futhi bayabonga ukuthi iPirates inqobe isicoco seligi,” kusho uSikhosana
“Kodwa abantu bayabuka futhi ukuthi isinqobe kanjani. Amagoli amabili bawashayelwa (own goals) futhi abadlali abashaya (ekhaya) babehleka enkundleni sengathi benze into enhle.
“Kodwa yona (i-Orbit College) yagcina imosha amathuba ayo okuhlala kwiligi enkulu, iBetway Premiership. Angazi ukuthi yayenzani i-Orbit.”
Ngemuva kwalokho uphinde wagadla kwiBucs uSikhosana, echaza ukuthi batholani ngokunqoba iChampions League ngo-1995.
“Sabongwa ngokunikwa igilosa yenyanga,” kusho le nkakha.
Ngabe konakala kuphi phakathi kukaSikhosana nePirates?

