CAF Champions LeagueEzakamuva

Umqeqeshi weDowns usolwa ngokudedela iTKO kowase-Angola

SIHLE NGUBO

Kuvela ukuthi umqeqeshi weWiliete SC, uBeto Bianchi, kudingeke aphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokushaywa ngomcacamezelo womlalisa phansi (TKO), omunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns.

Abafana Bas’tyle babambane neWielite, yase-Angola, ngo 0-0 emdlalweni womlenze wokuqala weCAF Champions League, e-Estadio Nacionale da Tundavala, ngeSonto.

Nokho ngemuva komdlalo kuvuleke iringi yesibhakela, kwatholana phezulu abaqeqeshi, omunye wabizelwa i-ambulance.

Akucaci ukuthi yini eqhathe abaqeqeshi ngemuva komdlalo, kodwa isithombe sikaBianchi ephuthunyiswa esibhedlela siyichaza yonke indaba.

Ikhona nevidiyo ekhombisa kugxavulana abantu, kukhona uSteve Komphela, oyiphini lomqeqeshi kwiDowns, ngemuva kokukhala kwendweba yokuqeda umdlalo.

Kukholakala ukuthi yiso impela ‘isigora’ esiwuKomphela esenze uBianchi waphuthunyiswa esibhedlela, ‘ngemuva kokuzwana amandla.’

Lo mqeqeshi wase-Angola akazange esakwazi ukuba sesithangamini nabezindaba, ngemuva komdlalo, ngenxa yokufakwa emandleni uKomphela.

Kulindeleke ukuthi iWielite ikhiphe isitatimende mayelana nalolu daba, iphinde icacise ukuthi sinjani isimo kuBianchi, ngemuva kweTKO kaKomphela.

Akwaziwa noma lo mqeqeshi, ongowokudabuka eBrazil, uzokwazi yini ukuza eNingizimu Afrika ngemuva kwalesi sigameko, esingesihle ebholeni lase-Afrika.

Imibiko engaqinisekisiwe ithi kube khona amazwi anokucwasa ngokwebala, ngaphambi kokuthi laba baqeqeshi batholane phezulu.

La maqembu azophinde atholane phezulu emlenzeni wesibili kuleli, ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku.

UKomphela angase azithole esenkingeni uma kuvela ukuthi ngempela uxhimfe umlingani wakhe ngesibhakela, okuholele ekutheni aphuthunyiswe esibhedlela.

Uma etholakala enecala uKomphela, iCAF ingathatha isinqumo sokumumisa emidlalweni yayo, noma imhlawulise imali eshisiwe.