UThidiela ufuna uguquko ohlakeni lokuphathwa kwePSL
Usihlalo weBlack Leopards, uDavid Thidiela useveze ukuthi kungenzeka iPSL yephula imigomo yeFifa ngendlela ephethwe ngayo.
Encwadini ayibhalele amalungu esigungu esiphezulu sePSL ngoLwesihlanu luka-Okthoba 6, uThidiela ucele kulungiswe ngokushesha lokho akubiza ngokuthi ukushayisana kwezinto.
UThidiela uzwakalise ukukhathazeka kwakhe mayelana nendlela iPSL – inhlangano yebhola elikhokhelwayo kuleli – ephethwe ngayo, wasola nenkohlakalo ngonompempe.
Uqhube wathi ukuba nosihlalo bamakilabhu ababili abaphethe iligi kungenzeka ukuthi kuphambene nemigomo yeFifa ebizwa ngeCode of Ethics.
UKhoza noMadlala bangosihlalo be-Orlando Pirates neGolden Arrows, ngokulandelana.
UMato Madlala unyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL – usebambe kusukela ngo-2015 – kanti uKhoza ungusihlalo wale nhlangano.
Kule ncwadi, eshicilelwe yiCity Press ngempelasonto, uThidiela ukhipha konke okungaphakathi kuye ngale nhlangano.
“Okokuqala, ngikholwa wukuthi kukhona ukwephulwa kwemigomo yeFifa ngabaphathi bePSL – umphumela walokhu ungaba yinhlekelele kwligi,” ifundeka kanje ingxenye yale ncwadi.
“Isikhulu esiphezulu esibambile nosihlalo babamba iqhaza ezingxoxweni futhi bathathe izinqumo, mayelana nabaxhasi bamanye amakilabhu angamalungu (ePSL)…
“Ukuqoka nokubuyekeza ukuziphatha konompempe, nokubamba iqhaza ekuqhathweni kwemidlalo nezinguquko zakhona.
“Ngiyaqaphela futhi ngikhathazekile ukuthi lokhu kungase kube ukwephulwa kwemigmo i-FCE.”
Ekhuluma nabeRadio 2000 ngoLwesibili, uThidiela uvumile ukuthi impela le ncwadi ibhalwe nguye.
“Angazi ukuthi le ncwadi ifike kanjani ezandleni zikaTimothy Molobi (intatheli yeCity press) kodwa konke okubhaliwe kuyiqiniso.
FUNDA NALA: Abuyisa izinkakha ezizohlwaya ikhono AmaZulu
“Yilokho engikubhalele iPSL. Kodwa ngeke ngiphawule ukwedlula lapha kuze kube ngithola impendulo kozakwethu.”