Kuvela ‘okuxoshise’ uMandla Ncikazi kwiPirates
SIHLE NGUBO
Kukholakala ukuthi uMandla Ncikazi, obeyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uzobuyela eqenjini lakhe elidala iLamontville Golden Arrows, ngoba seyishiphelene nomqeqeshi weBucs, u-Abdeslam Ouaddou.
UNcikazi ubengabonakali kwiPirates kulezi zinsuku, kanti kuvele ukuthi ubeyohlinzwa edolweni ebelimhlupha.
Nokho eziputshukayo zithi uNcikazi no-Ouaddou abasahoshelani, okuyikona okwenza ukuthi lo mqeqeshi ashiye iPirates.
Ukuhlinzwa edolweni yinto esiyenzeke yadlula, kodwa inkinga ukuthi laba baqeqeshi abasaboni ngaso linye.
Kuthiwa u-Ouaddou unqumele ugwayi katiki iPirates, ukuthi isuse uNcikazi eduze kwakhe, kungenjalo yena (lo mqeqeshi waseMorocco) uzofaka incwadi yokwesula, abone eza ngayo.
Akwaziwa ukuthi laba bobabili yini abayibangile, ngoba bebesebenza kahle benqoba izindebe, kumbandakanya nesicoco seligi, ngesizini edlule.
UNcikazi kulindeleke ukuthi athushuke kwi-Arrows, izinto ezingayihambeli kahle emidlalweni yeBetway Premiership, selokhu kuqale isizini.
Leli qembu lisanqobe umdlalo owodwa kuphela kweyisishiyagalombili yeBetway Premiership, okuyinto emcindeza kakhulu umqeqeshi uPitso Dladla.
Ngempelasonto edlule Abafana Bes’thende bathelwe othulini omakhelwane iMilford FC ebashaye ngo 1-0, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Ngokubika kweSportswire, seyishiphelene ekugcineni phakathi kukaNcikazi no-Ouaddou, yikho ethi akasamfuni eduze kwakhe.
“Usekubeke kwacaca ukuthi akamsamfuni eduze kwakhe. Ubalule ukuthi uma uNcikazi ehlala, uyena ozothatha amasakana akhe ahambe,” kusho umthombo weSpotrswire.
UNcikazi ujoyine iPirates ngesizini ka-2021/2022 esuka kwi-Arrows abenza kahle kakhulu kuyona.
KwiBucs ufike waba yiphini likaJosef Zinnbauer, ebambisene noFadlu Davids, naye obeyiphini.
Kuthe uma kwesula uZinnbauer isigubhukane, uNcikazi noDavids basebenza ngokubambisana ukuqeqesha eZimnyama.
Laba bobabili kwale kancane banqobe iCAF Confederation Cup, kulandela ukushaywa yiRSB Berkane, yaseMorocco, kumaphenathi kowamanqamu eNigeria.
Ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023, uDavids ushiyile kwiBucs kodwa uNcikazi wasala.
Ube yiphini lomqeqeshi ngaphansi kukaJose Riveiro, ohlale iminyaka emithathu kwiPirates, enqoba uzindebe.
URiveiro ushiyile kwiBucs ekupheleni kwesizini ka-2024/2025, wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt.
Kuthe uma kufika u-Ouaddou ekuqaleni kwesizini edlule, uNcikazi waqhubeka waba yiphini ngaphansi kwalo mqeqeshi waseMorocco.
Ndawonye banqobe iMTN8, iCarling Black Label Knockout Cup nesicoco seligi, iBetway Premiership.
Bebebukeka bejabule futhi akukaze kuvele izindaba zokuthi kukhona ukungezwani kuNcikazi no-Ouaddou, kuze kube kuvela imibiko yamanje yokuthi isishiphelene.

