EzakamuvaiDStv Premiership

UBrandon Petersen weChiefs unethemba lokuwina kwiSekhukhune

Unozinti weKaizer Chiefs uBrandon Petersen usewuchaze njengobalulekile umdlalo wabo weDStv Premiership neSekhukune United. 

La maqembu azogadulisana ePeter Mokaba Stadium  ngeSonto ngo-3 ntambama. Lo nzinti nguye ozone esezintini kwiChiefs. 

UBrandon Petersen uthi iChiefs idinga ukuwina kulo mdlalo ukuze ihlale embangweni wokungena kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. 

IChiefs, ngomlomo womqeqeshi u-Arthur Zwane, isisivezile isifiso sayo sokuyodlala kulo mqhudelwano. 

Ukuze kwenzeke ke lokho, iChiefs kumele iqede endaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns kwilogi. 

Ukuqeda endaweni yesithathu noma ukunqoba iNedbank Cup kungayifaka kwiCaf Confederation Cup. 

IChiefs njengamanje isendaweni yesine kwilogi, ilandela i-Orlando Pirates esendaweni yesibili ngamaphuzu amahlanu. 

Isele ngamathathu kwiSuperSport United esendaweni yesithathu. Uma iwina, izolingana ngamaphuzu neSuperSport kodwa ihlale khona endaweni yesine. 

“Umdlalo obaluleke kakhulu futhi kumele siqhubeke la besigcine khona emidlalweni yeligi,” usho kanje uBrandon Petersen. 

“Sisemgqigqweni omuhle njengamanje futhi kubalulekile ukuthi siwine lo mdlalo ukuze siqoqe amaphuzu aphelele ngoba sifuna indawo yesibili.” 

IChiefs iwine emine, yadlala ngokulingana kowodwa emidlalweni yayo emihlanu edlule kwiligi. Inqobile nakwiNedbank Cup ngempelasonto edlule. 

UBrandon Petersen nokho akayithathi kancane iSekhukhune athi bayabazi ubungozi bayo. 

“ISekhukhune yiqembu okuhlezi kungelula ukudlala nalo,” usho kanje lo nozinti oneminyaka engu-28. 

FUNDA NALA: Umbango womgadli ozoshaya amagoli amaningi uyashuba kwiPremiership

“Baya kulo mdlalo nje nabo banomgqigqo njengoba benze kahle emdlalweni womkhumulajezi. 

“Silindele umdlalo onzima kodwa ngiyabethemba ozakwethu, futhi ngiyazi sizowakhipha wonke amangwevu.” 

Uma iwina iSekhukhune, ingazithola isendaweni yesihlanu noma yesithupha kwilogi. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *