IPirates ivalelise kuNcikazi, i-Arrows yaxosha uDladla
SIHLE NGUBO
Kugcine kuphelile ukuqagela ngesimo sabaqeqeshi kwi-Orlando Pirates neLamontville Golden Arrows, obekuyinto ebisematheni kuleli sonto.
Impempe ike yabika ukuthi uMandla Ncikazi, obeyiphini lomqeqeshi kwiPirates, uzoshiya ngoba abasezwene nomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.
Kuvele ukuthi u-Ouaddou ucele ukuthi aqheliswe kuyena uNcikazi, ngoba ubengasafuni ukusebenza naye.
IPirates ikuqinisekisile ukuhamba kukaNcikazi, ngesikhathi imemezela ukuthi lo mqeqeshi uselishiyile iqembu, yase imbonga ngakho konke alenzele kona.
“I-Orlando Pirates Football Club iyakuqinisekisa ukuthi iphini lomqeqeshi, uMandla Ncikazi, uyalishiya iqembu ukuyothatha isikhundla sokuba umqeqeshi eqenjini lePremier Soccer League,” kusho isitatimende seBucs.
“UNcikazi uhamba ngemuva kokunqoba izindebe eziyishiyagalolunye njengengxenye yethimba labaqeqeshi, lapho ebeyiphini khona.
“Sibala nesikhathi lapho eke waba umqeqeshi obebambisene nomunye ngo-2024. Kuso sonke lesi sikhathi ubelimele kahle iqembu.”
Usihlalo weqembu, u-Irvin Khoza ubonge uNcikazi waphinde wamncoma ngokubuyela ekubeni umqeqeshi omkhulu.
Uthe: “UMandla uhamba simbonga futhi simbusisa kakhulu. Amagalelo akhe abonakele eqenjini ngesikhathi esenathi.
“Siyasihlonipha isifiso sakhe sokulandela ithuba elisha, futhi simfisela impumelelo njengoba ethatha inselelo entsha.”
UNcikazi ubheke kwi-Arrows, okuyiqembu abeliqeqesha ngaphambi kokuthi aye kwiBucs.
Lokhu kuzicacele njengoba i-Arrows ikhiphe isitatimende, iqinisekisa ukuthi seyihlukene nomqeqeshi, uPitso Dladla.
“ILamontville Golden Arrows ithanda ukumemezela ukuthi seyivumelene ngokuhlukana kahle ngokushesha, nomqeqeshi uPitso Dladla,” kusho isitatimende se-Arrows.
“Sithanda ukubonga kakhulu kumqeqeshi uDladla ngokuzinikela akukhombisile ngesikhathi enathi.”
UDladla ufike kuBafana Bes’thende ekuqaleni kwesizini, ngemuva kokunqoba iNedbank Cup neDurban City ngesizini edlule.
Lo mqeqeshi uqale kahle isizini eshaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 kwi-quarterfinal yeMTN8, waphinde wamangaza iMamelodi Sundowns ngo 1-0 emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu kule ndebe.
Nokho izinto azimvumanga emidlalweni yeBetway Premiership, lapho enqobe khona umdlalo owodwa kuphela kweyisishiyagalombili ephethe izintambo.
Emdlalweni wokugcina i-Arrows ishaywe yiMilford FC ngo 1-0, lapho kugqame khona ukugeja kwabadlali baleli qembu laseThekwini.

