I-Orlando Pirates ishaye eseSundowns ngabadlali ebabolekisile
Njabulo Shezi
OTshegofatso Mabasa noBongani Sam ngeke badlale uma iMoroka Swallows ababolekiswe kuyo seyidlala ne-Orlando Pirates.
Lokhu kungenxa yokuthi i-Orlando Pirates isilandele isitayela obekuhlale kusolwa ngaso iMamelodi Sundowns sokungabavumeli abadlali ebabolekisile ukuthi badlale nayo.
Lezi zindaba zivezwe ngumbiko wabeSABC Sport ngoLwesihlanu oqinisekise ukuthi uMabasa usegcine esayinile naye kwiSwallows.
Lo mgadli odlale kahle kwiBafana Bafana ngesikhathi seCosafa Cup, ungomunye walabo umqeqeshi wePirates angabadingi kule sizini.
Nangesizini edlule uMabasa ubengekhi kwi-Orlando Pirates njengoba beyiombolekise kwiSekhukhune United.
Nakhona akazange enze ebingenza uBrandon Truter aphinde amcele ukuba eze kuye yize eyodlala kwiCaf Confederation Cup.
Naye uBongani Sam ubevele ekuyo iSwallows nangesizini edlule njengoba esebuyele nje manje.
Kodwa kulokhu ke ngeke avunyelwe ukudlala uma Izinyoni sezibhekene ne-Orlando Pirates ngenxa yombandela ofakwe esivumelwaneni sokubolekana.
Lo mbandela udume kakhulu kuleli ngeSundowns kanti beyisolwa kakhulu ngawo, kuthiwa ukhomba umona.
Akucaci ke nokho ukuthi abanye abadlali ebolekise ngabo iBucs nabo banalo mbandela yini.
Ibolekise ngoGoodman Mosele kwiChippa United noBoitumelo Radiopane kwiCape Town Spurs.
Sekuyobonakala uma iPirates seyidlala nala maqembu ukuthi bayovumeleka yini ukuthi badlale noma nabo bazovinjelwa.
Khonamanjalo, iPirates yethule izinombolo ezizosetshenziswa ngabadlali kule sizini yaqinisekisa nokuthi u-Azola Matrose uzohlala kule sizini akabolekiswa.
FUNDA NALA: URulani Mokwena udalula okubalalisa obenyoni kwiSundowns
Lo mdlali osemncane futhi obukeka enekusasa elihle ubethengwe kwiChippa qede wabolekiswa kuyo ngesizini edlule.