‘Kumele sinciphise amaphutha emuva,’ kusho umdlali weChiefs
SIHLE NGUBO
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uDillan Solomons, ufisa balungise amaphutha, ikakhulukazi emuva, ukuze izinto ziqonde kuleli qembu laseNaturena.
IChiefs idlala kangcono futhi ayikashaywa kule sizini, kodwa inkinga ebhekene nayo eyokudedela amagoli kalula.
Nasemdlalweni odlule lokhu kuhlale obala, okwempahla yembuzi, ngesikhathi Amakhosi enqoba ngo 3-2 emdlalweni weBetway Premiership, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngeSonto.
Umqeqeshi waleli qembu, uFernando Da Cruz, naye useke wakhala ngamaphutha nokudedela amagoli kalula kweqembu lakhe.
USolomons, ongomunye wabadlali asebehlalile kwiChiefs, uthi kumele bakushintshe lokhu.
“Umphumela womdlalo (weSiwelele FC) ube muhle kakhulu kodwa indlela izinto ezenzeke ngayo ayibanga yinhle,” kusho uSolomons.
“Siyawuthatha umphumela namaphuzu amathathu, ngoba kubalulekile, kodwa indlela esenza ngayo kumele ibe ngcono kakhulu kunalokhu okwenzekile.
“Kumele sizame ukuqina emuva, sibe ngcono uma sivimba emuva. Kufanele sehlise amaphutha emuva, yilokho okumele sikuqondise.”
IChiefs iyiqale kahle isizini edlule kodwa kwagcina kungahambanga kahle, yanganqoba neyodwa indebe.
Nakulokhu leli qembu laseNaturena selisheshe laphuma kwiMTN8, okuchaza ukuthi seliphuthelwe yindebe yokuqala yesizini.
“Ngicabanga ukuthi ngesizini edlule siqale kanje. Besidlala kahle, emidlalweni emihlanu asizange sishaywe,” kuqhuba uSolomons owayedlalela iStellenbosch FC neMoroka Swallows.
“Ngemuva kwekhefu (leFIFA) yilapho kuqale khona ukuthi izinto zingasihambeli kahle.
“Siqale kahle kodwa okumele sikwenze ukuthi uma sibuya ekhefini, elide kakhulu, sizame ukugcina umgqigqo wethu.”
Mayelana nombango wesicoco seligi, uSolomons uthe abafuni ukusalela emuva.
“Nakanjani siyabuka ukuthi kwenzekani kulawa amanye amaqembu amabili (iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates) kodwa okwethu ukuthi sibambelele emjahweni,” kuqhuba uSolomons.
“Kumele sigxile kulokhu esingakwenza, okuyimidlalo yethu. Bangakwenza okwabo kodwa thina kumele senze okwethu.”
IChiefs izobhekana nePolokwane City koweBetway Premiership, e-Old Peter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
USolomons wazi kahle ukuthi lo mdlalo uzoba nzima, yize iRise and Shine ingayiqalanga kahle imidlalo yeBetway Premiership.
“Alikho iqembu ongalithatha kancane uma kukhulunywa ngokudla neKaizer Chiefs. Wonke amaqembu uma ezodlala neChiefs ayalikhuphula izinga.
“Njengabadlali siyazi ukuthi yonke imidlalo inzima. Nokho okubalulekile ukuthi amaqembu anobuthaka bawo, ngakho siyakubeka lokho emiqondweni.”
IPolokwane imemezele ukuthi seyihlukene nomqeqeshi, uPhuti Mohafe nephini lakhe uMusa Bilankulu, ngoLwesithathu.
UTrevor Mathiane, oyiphini lesibili kwiRise and Shine, uyena ozobe esebhentshini uma sebedlala neChiefs.

