‘Sizowunqoba umdlalo weCarling Cup,’ kusho ukaputeni we-Arrows
ZINHLE NGUBANE
Ukaputeni weLamontville Golden Arrows, u-Ayanda Jiyane, ukholwa wukuthi iqembu lakhe lingayiguqula imiphumela engahambi kahle kulezi zinsuku.
Lo mdlali uthi bangakwenza lokho uma iqembu linqoba iChippa United emdlalweni weCarling Knockout Cup Last 16, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Izinto azibahambeli kahle Abafana Bes’thende kulezi zinsuku, njengoba behluleka ukunqoba imidlalo yeBetway Premiership.
Lokhu sekufake ingcindezi enkulu kumqeqeshi, uPitso Dladla, obeyiqale kahle isizini neqembu kwiMTN8, lapho beshaye khona iKaizer Chiefs, kuma-quarterfinal, neMamelodi Sundowns (emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu).
Ngaphezu kwakho konke lokhu kunamahemuhemu okuthi uMandla Ncikazi, oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, angase abuyele kwi-Arrows, okuyiqembu abelicija ngaphambi kokuya kwiBucs.
UNcikazi akabonakali ebhentshini lePirates kulezi zinsuku, okuqinisa ukumataniswa kwakhe nokubuyela kwi-Arrows.
UJiyane uthe yize isizini ingaqalanga kahle eqenjini lakhe (emidlalweni yeligi), uyethemba ukuthi amalungiselelo abawenzayo azobasiza ukuthi banqobe umdlalo, nokuyinto engabuyisa ukuzethemba kubadlali ngaphambi kokuqhubeka neyeligi.
“Selokhu isizini iqalile, izinto azihambi kahle ngasohlangothini lwethu,” kusho uJiyane esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu.
“Kodwa uma ngibheka amalungiselelo nezinhlelo esinazo njengamanje, ngiyakholwa ukuthi sizowunqoba umdlalo weLast 16.
“Lokhu kuzophinde kukhulise ukuzethemba uma sesibuyela emidlalweni yeligi, ukuze sikwazi ukuqoqa amaphuzu agcwele.”
Lo kaputeni usanda kubuyela enkundleni ngempelasonto edlule, ngemuva kokwelulama ekulimaleni.
Ubuye emdlwaleni we-Arrows ibhekene neMilford FC koweBetway Premiership eKing Zwelithini Stadium, lapho iguqe khona ngo 1-0.
Uveze ukuthi abaphathi beqembu nethimba labaqeqeshi, benza konke okusemandleni ukweseka abadlali, ikakhulukazi njengoba bebhekene nenkinga yokushaya amagoli.
Uthe esikhundleni sokusolana uma imiphumela ingahambi kahle, bakhetha ukubambisana njengomndeni, ukuze bakwazi ukulungisa izinto ezingahambi kahle eqenjini.
“Uma sihlulwa noma sidlala ngokulingana, asikhombani ngeminwe, kodwa sibambisana njengomndeni ukuze sikwazi ukulungisa izinto,” kuqhuba uJiyane.
“Ngibonga abaphathi nabaqeqeshi ngokuqhubeka nokusikhuthaza nokusiphusha ukuthi senze kangcono.”
UJiyane uthe abantu abangaphandle kweqembu bazohlale benemibono yabo ngokudlala kwabo, kodwa umsebenzi wabadlali wukuvikela isithunzi seqembu ngokulwela ukuthola imiphumela emihle.
Uveze ukuthi iqembu lizimisele ngokwenza kangcono kule sizini, njengoba ngesizini edlule likhishwe kweyandulela owamanqamu kwiCarling Knockout Cup, laphinde lakhishwa kuma-quarter-final kwiNedbank Cup.
“Abantu abangaphandle bazohlale bekhuluma, kungakhathalekile ukuthi senza kahle noma kabi.
“Umsebenzi wethu ukuzama ukuvikela igama leqembu futhi senza konke esingakwenza ukuze sinqobe.
“Ukuthola ukwesekwa ngabaphathi kuyinto enhle futhi kuyasikhuthaza ukuthi senze kangcono.
“Njengabadlali siwuthatha njengobalulekile lo mqhudelwano, ngoba sifuna ukunqoba indebe esingazigqaja ngayo,” kuphetha uJiyane.

