EzakamuvaIBetway Premiership

Ukaputeni weChiefs ukholwa ukuthi isiNgisi asilidlali ibhola, lidlalwa abadlali

ZINHLE NGUBANE

IKaizer Chiefs inengcimdezi yokuthi inqobe nakanjani uma seyibhekene neRed Arrows, yaseZambia, emlenzeni wesibili weCAF Confederation Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu, ngo-6 ntambama.

Amakhosi azoya kulo mdlalo elandela ngemuva njengoba eshaywe ngo 1-0, emlenzeni wokuqala eNdola ngoMgqibelo odlule.

Kumele nakanjani iChiefs ishaye amagoli amabili, bese ingadedeli lutho, ukuze idlulele emidlalweni yamaqoqo kwiConfederation Cup.

IChiefs ayiyitholi imiphumela emihle kulezi zinsuku, njengoba nasemidlalweni yeBetway Premiership idlala ngokulingana.

Kukhona nasebesola ukuthi ukungasazi kahle isiNgisi komqeqeshi, uFernando Da Cruz, kunomthelela ekutheni iChiefs ingayitholi imiphumela emihle.

Ukaputeni waMakhosi, u-Inacio Miguel, ukholwa wukuthi abadlali yibona okumele bathwale umthwalo ngokungahambi kahle kwemiphumela yeqembu, kunokuthi kusolwe umqeqeshi ngokungasazi kahle isiNgisi.

Uthe abadlali bayayiqonda indlela umqeqeshi afuna badlale ngayo, kodwa sekulele kubona ukuthi bakubonakalise lokho enkundleni, ukuze bathole imiphumela emihle.

“Ungaba nomqeqeshi ovela eChina ongalwazi ulimi lwenu, kodwa lokho akusho ukuthi kuzoba nomthelela kulokho okwenzeka enkundleni, endleleni yokudlala noma emiphumeleni yeqembu,” kusho uMiguel esithangamini nabezindaba ngoLwesine.

“Inkinga ikithina njengabadlali, asenzi kahle futhi asikwenzi okufanele sikwenze.

“Ngeke simthwese icala umqeqeshi ngoba nathi kumele senze umsebenzi wethu enkundleni, ukuze sithole imiphumela emihle.

“Ungaletha noma ngubani, ngisho uJose Mourinho noma uPep Guardiola, kodwa ekugcineni abadlali yibona okumele bawenze umsebenzi.”

Uveze ukuthi abadlali bayakhuluma bodwa, bekhuthazana ngokuthi kumele benze kangcono futhi basebenzisane, ukuze baguqule isimo esibhekene neqembu.

Uthe kulula kubantu abangaphandle kweqembu ukusola umqeqeshi, bengazi kahle ukuthi kwenzekani ngaphakathi. Kodwa kucace bha okufunwa umqeqeshi.

“Imibono yomqeqeshi icacile futhi iqondile. Sekulele kithina ukuthi senzenjani ngayo,” kuqhuba uMiguel.

“Njengomdlali wasemuva nokaputeni weqembu, kungumsebenzi wami ukukhuthaza abafana nokubagqugquzela ukuthi benze kangcono.”

Uvumile ukuthi abadlali nabo bayakhungatheka uma izinto zingahambi ngendlela abafisa ngayo.

Uthe kwesinye isikhathi isimo siyashuba egunjini lokushintshela, kodwa lokhu akusho ukuthi kukhona okungahambi kahle phakathi kwabo.

Ngokusho kwalo mdlali, konke lokhu kubangelwa wukuthi abadlali bayafisa ukunqoba futhi bafuna ukubuyisela iqembu endleleni yokuthola imiphumela emihle.

Uveze ukuthi bayawazi amandla eRed Arrows, nokuthi umdlalo wokuqala ubunzima, lapho iChiefs igcine ihlulekile ngemuva kokungenelwa yigoli.

“Siyazi ukuthi iRed Arrows iyiqembu eliqinile. Emdlalweni wokuqala sazama kakhulu, kodwa ngeshwa sangenelwa yigoli futhi lokho kwasifaka enkingeni.

“Siyaqiniseka ukuthi singakwazi ukuguqula izinto kusasa (ngoLwesihlanu) uma sibheka indlela ebesidlala ngayo ngesizini edlule.

“Sidinga ulaka olukhulu, ukulambela ukunqoba nokuzinikela enkundleni.

“Singaqala ukukushintsha lokho kusasa eMabhida, ngokuthi siphume siyolwa kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.”