EzakamuvaIBetway Premiership

IChiefs ingase igadle ngoSaleng noMayele ngesizini ezayo

SIHLE NGUBO

UMonnapuleng Saleng uqede isizini ne-Orlando Pirates engasabonwa nangokhalo eqenjini ngenxa yezizathu ezingazange zichazwe yiqembu.

Kuputshuke izinto eziningi ngalo mdlali, kwavela nokuthi ubebanga ukuholelwa imali encane yileli qembu laseSoweto.

IBucs ayikaze iveze ukuthi ulimele uSaleng ogcine ukudlala ngesikhathi bebhekene ne-Al Ahly emdlalweni weCAF Champions League ngoDisemba 7.

UJose Riveiro, osanda kushiya iPirates wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt, ubebhala acishe uma ebuzwa ukuthi yini engadlali uSaleng.

Kucacile ukuthi akalimele ngesikhathi efakwa esikwatini seBafana Bafana ebesidlala kwiCHAN ngoMashi. Wawudlala umdlalo weBafana Bafana ibambana ne-Egypt ngo 1-1 ngoMashi 2.

Kukho konke lokhu iPirates ibithule du ingafuni ukucacisa nokuphikisa imibiko yokuthi lo mdlali ubengasahoshelani nabaphathi beqembu ngenxa yokubanga iholo lakhe.

Muva nje sekulokhu kuvela ukuthi usejoyine iKaizer Chiefs futhi uzobe egijima kuyona ngesizini ezayo.

Akucaci ukuthi inkontileka kaSaleng, obesebe semabhukwini eBucs amasizini amane, iyaphela yini ngoJuni noma isaqhubeka.

Abazazi kangcono bathi uSaleng kade ayisayina inkontileka yesibambiso neChiefs ngoba ubesazi ukuthi inkontileka yakhe neBucs iyaphela ngoJuni futhi ngeke esabuyela kuyona.

IChiefs kubhekeke ukuthi iqinise iqembu ngabadlali abaningana uma kubhekwa ukuthi ayizange yenze kahle ngesizini edlule.

Leli qembu laseNaturena likwazile ukunqoba iNedbank Cup kodwa emidlalweni yeBetway Premiership lishaye udaka njengoba liqede endaweni yesishiyagalolunye.

Omunye umdlali omataniswa neChiefs uFiston Mayele osanda kuqukula indebe yeChampions League nePyramids SC yase-Egypt.

Lo mdlali uke wabuzwa ngeChiefs ngesikhathi bezodlala neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu womlenze wokuqala weChampions League eLoftus Stadium.

Akazange aphike ukuthi ikhona into emumatanisa neChiefs kodwa wagxila ekutheni usafuna ukubeka umqondo ekudlaleni owamanqamu weChampions League neqembu lakhe.

UMayele ushaye amagoli ayisishiyagalolunye kwiChampions League esanda kugoqwa. IPirates uyijezise ngamabili kowandulela owamanqamu, waphinde washaya igoli kowamanqamu bedlala iSundowns.

Okunganika abalandeli baMakhosi ithemba lokuthi uyaza uMayele ukuthi uyatholana nomqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi.