EzakamuvaMotsepe Foundation Championship

Owayedlala kwiChiefs wethulwe yiCape Town City

SIHLE NGUBO

Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uKeagan Dolly, akakazuwagaxa emgibeni amakhokho akhe njengoba abanye bebecabanga abanye ekupheleni kwesizini edlule.

Lo mdlali ubegijima kweTS Galaxy ngesizini edlule nokuthe uma iphela yangayivuselela inkontileka yakhe.

Nokho iRockets beyihlele ukumnika umsebenzi eqenjini uDolly, ngokusho kukamengameli weqembu uTim Sukazi.

“Mayelana noDolly simsayinise inkontileka yonyaka kuphela,” kusho uSukazi kwiKwekwezi FM emasontweni edlule.

“Inkontileka yakhe seyiphelile manje, ngakho sihlale phansi naye samtshela ukuthi ngeke adlale njalo kwiTS Galaxy, okuwukaqala umdlalo aze awuqede.

“Ngaphandle kwalokho sibone kunendima angayidlala ngaphandle kwenkundla njengesisebenzi seqembu, hhayi njengomdlali.

“Ngakho usitshele ukuthi uzocabanga ngalokhu nomndeni wakhe.”

Kubukeka sengathi uDolly ucabange ukuthi usakuthanda ukudlala ibhola, hhayi nje ukusebenza eqenjini lebhola.

NgoLwesithathu wethulwe ngokusemthethweni yiCape Town City, edlala kwiMotsepe Foundation Championship, njengomdlali wayo omusha.

Leli qembu lidliwe yizembe kwiBetway Premiership ngemuva kokudlala imidlalo yokuhlunga ne-Orbit College neCasric Stars.

UDolly ubedlala kwiMamelodi Sundowns phakathi kuka-2014 no-2017. Ngemuva kwalokho ujoyine iMontpelier yaseFrance ngo-2017.

Ngo-2021 ubuyele eNingizimu Afrika wajoyina iChiefs, ahlale kuyona kwaze kwaba ngu-2024.

KwiCityzens uzofica uNjabulo Ngcobo naye oke wadlala kwiChiefs esekhona uDolly.

UNgcobo usayine kuleli qembu laseKapa ngo-Agasti 15 esuka kwiSekhukhune United.

ICityzens ivule imidlalo yeligi ngokubambana neVenda FC ngo 0-0 ngempelasonto edlule.

Emdlalweni wesibili izobhekana neHungry Lions ngoMgqibelo.