EzakamuvaI-Africa Cup of Nations

Abalandeli bebhola baseKenya bafuna axoshwe uBenni

SIHLE NGUBO

Abalandeli bebhola baseKenya bafuna axoshwe ngokushesha umqeqeshi weqembu lesizwe, uBenni McCarthy, ngemuva kokugxeka abantu bakuleli lizwe ezinkundleni zokuxhumana.

Kunevidiyo efakwe kwi-X yintatheli yaseKenya, u-Eric Njiru, lapho lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika ekhuluma ngabantu abahlezi bemgxeka njengomqeqeshi weKenya.

IHarambee Stars ishaywe yiNingizimu Afrika ngo 2-1 emdlalweni wokuhlungela iCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ka-2027, eNyayo National Stadium, eNairobi, ngoLwesibili ebusuku.

Amagoli eBafana Bafana ashaywe uRelebohile Mofokeng womabili, kwathi elokubika ekhaya leKenya lashaywa uMohammed Bajaber.

Lo mphumela ulandela ukuthi la maqembu ebambane ngo 2-2 e-Orlando Amstel Arena Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu.

UMcCarthy, oqokwe njengomqeqeshi weKenya ngoMashi nyakenye, usebhekane nokugxekwa okukhulu ngendlela iqembu elidlala ngayo, ukuqokwa kwabadlali nezinto ezithinta ukungaholelwa kuze kuphele izinyanga.

Muva nje lo mqeqeshi ubesanda kuveza ukuthi bede kuphele izinyanga ezintathu iqembu lesizwe lingaholelwe.

Kuke kwabukeka sengathi lo mqeqeshi uzoshiya ekucijeni iKenya, ngemuva kokuthi ibhaxabulwe yiSenegal ngo 8-0 ngoNovemba nyakenye.

Nokho uBenni nethimba lakhe, okukhona kulona uMoeneeb Josephs, ongumqeqeshi wonozinti, baqhubekile nokucija iHarambee Stars.

Kule vidiyo yakamuva uMcCarthy uvela ebatshela ezikabhoqo abalandeli baseKenya.

“Uma ngiya ekhaya, ngibeka ikhanda lami emqamelweni, ngilala njengengane,” kusho uMcCarthy kwividiyo.

“Impilo yami iphelele, angizihluphi ngokungabi nawo amanzi ashisayo. Kodwa othile ophethe ifoni mhlawumbe unayo leyo nkinga, akadli amasonto amabili kodwa uyakwazi ukuthi athi lo mqeqeshi…”

UMcCarthy uqhube wathi akabanaki yena abantu “abangasho lutho nakancane empilweni yami,” wathi ugxile emsebenzini wakhe futhi uyabahlonipha abadlali bakhe nethimba labaqeqeshi.

Lokhu sekwenze kwaqala kabusha ukugxekwa kukaBenni abalandeli. Abanye bamsola ngempakamo nokubukela abantu phansi. Abanye bathi akaxoshwe.

Konke lokhu kushiya imibuzo yokuthi uzobe ekhona yini lo mqeqeshi, owake wacija AmaZulu FC neCape Town City, uma sekudlala imidlalo ye-AFCON, eKenya, eTanzania nase-Uganda ngonyaka ozayo.

Ngenxa yokuthi ingosokhaya, iKenya ayidingi ukunqoba imidlalo yokuhlunga ukuze izibekisele indawo kwi-AFCON ka-2027.