EzakamuvaIbhola lombhoxo

Kugqame u-Arendse amaBhokobhoko ekorobha nge-Australia

Sihle Ngubo

UKurt-Lee Arendse ube yiqhawe leNingizimu Afrika ebeka ama-try amathathu amaBhokobhoko eshaya i-Australia ngo 43-12 emdlalweni wokuqala weCastle Lager Rugby Championship, eLoftus Stadium, ngoMgqibelo.

AmaBhokobhoko akwenze kwalula ukushaya ama-try kulo mdlalo azitholela iphuzu lebhonasi njengoba egcine ethole ayisithupha. IWallabies iyona ebuvule inkundla nge-try kaMarika Koroibete ngomzuzu wesishiyagalolunye.

Ngemuva kwalokho kube sekugiya iqembu lasekhaya njengoba unombolo 10 uManie Libbok eshaye iphenathi kwaba ngu 5-3. Zishintshe kungu 17-5 ngemuva kwama-try amabili ka-Arendse ngomzuzu ka-16 noka-30. 

UReece Hogde yena ugeje amaphenathi amabili ngaphambi kokuthi ziye ekhefini, nabengenza umehluko omkhulu.

Ngesiwombe sesibili iWallabies abenza amaphutha aholele ukuthi u-Arendse ashaye itry yakhe yesithathu ngomzuzu ka-52, kwase kwaba yiphenathi try ehambisane nekhadi eliphuzi ngomzuzu ka-54.

INingizimu Afrika iphinde yathola enye iphenathi try ngomzuzu ka-69 ngenxa yamaphutha eWallabies.  

Akasalanga noPieter-Steph du Toit  njengoba eshaye eyakhe itry ngomzuzu ka-75. 

IWallabies igcine iyitholile eyayo itry yesibili eze noCarter Gordon ngomzuzu wokugcina.

Emlandweni wemidlalo yamaTest eLoftus Stadium, phakathi kweNingizimu Afrika ne-Afrika, amaBhokobhoko aseyiwine yonke eyisishiyagalombili ayidlale neWallabies kule nkundla, kusukela ngo-1963. 

FUNDA NALA: URowan Human uphawula ngokugxekwa kwabo uKadodia

Kuyacaca ukuthi i-Australia ihlale ibuya nenduku ePitoli futhi amaBhokobhoko awakafuni ukukushintsha lokho.