EzakamuvaIBetway Premiership

UMcCarthy noShinga baphawula ngamalungiselelo esizini entsha yeChiefs 

SIHLE NGUBO

Abalandeli beKaizer Chiefs bamagange ukubona izinduku ezintsha zeqembu labo njengoba isizini entsha ka-2025/2026 seyisemome.

Amakhosi asanda kuphothula uhambo lwaseNetherlands lapho ebedlala khona imidlalo yokungcweka namaqembu amane akuleli lizwe.

Kule midlalo umqeqeshi uNasreddine Nabi, ubezama ukubona ukuthi abadlali bahlangana kanjani nokuthi yibaphi abakwazi ukudlala kahle ndawonye.

IChiefs seyizobuyela eNingizimu Afrika, kanti isabheke ukudlala umdlalo wokugcina wobungani ngaphambi kokuqala imidlalo yeBetway Premiership.

Izobhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 26.

Kubadlali abafikayo eqenjini elikhulu u-Aiden McCarthy noNkanyiso Shinga, abadlala emuva, babukeka bezama ukulwela izindawo zabo kwiChiefs.

Laba badlali baphefumule okokuqala ngokuthi yini engalindelwa kubona begqoke ijezi leChiefs, nokuthi bazizwa kanjani.

“Ngicabanga ukuthi into ebaluleke kakhulu kimina ukukhuphuka njengomdlali nanjengomuntu,” kusho uMcCarthy.

“Ngifuna ukuthatha ibhola lami ngilise kwelinye izinga (eliphezulu).”

Lo mdlali uyindodana kaFabian McCarthy naye owake wadlala emuva kwiChiefs eminyakeni edlule.

“Awukho umehluko otheni engiwubonayo ngoba bengidlala esigabeni sesibili kodwa izinga lakhona liphezulu,” kusho uShinga.

“Nalapha izinga licisho lifane. Umehluko omncane nje ukuthi abadlali kuleli bathanda ukuluqinisa unyawo.”

UShinga (25) ukhulele enkulisa yeKZN Academy asuke kuyona waya ePortugal lapho iChiefs imlande khona.

UMcCarthy, osuka eqenjini eligijima kwiDStv Diski Challenge leChiefs, uqhube wathi “umuntu owaziwayo okulabo engixhumana nabo kakhulu, uWayde van Niekerk (ongumgijimi).”

Ebuzwa uShinga ukuthi ubona kuhamba kanjani kwiChiefs kuze kube yimanje, uthe unethemba kakhulu.

“Iqembu lami likhulu. Kulokhu esengikubonile ngicabanga ukuthi singakwazi ukufinyelela lapho sifuna khona.

“Ngizwa umfutho futhi lokhu kungenza ngibone kulula kimina ukuthi ngingene (eqenjini). Ngiyawuzwa umfutho.”

UMcCarthy akafunanga ukuphawula ngesikhathi ebuzwa ukuthi babexoxani nomqeqeshi weVitesse, njengoba kwacisho kwaphela imizuzu emibili bekhuluma ngemuva komdlalo.

“Ngicela ukuweqa lowo mbuzo,” kusho lo mdlali oyibamba ngenxele.

Ngabe uShinga uzizwa kanjani ngokuba kwiChiefs njengomdlali?

“Ngizizwa ngisekhaya. Yize bekulokhu kuyiphupho lami ukudlala kuleli qembu kodwa ngiyazi izinselelo zisazoqhamuka.

“Akulula ukudlalela leli qembu. Ngicabanga ukuthi kuthanda ukuhluka kunalapho engivela khona,” kuphetha uShinga.

UMcCarthy uvale ngokuthi ubengenaso isizungu sokukhumbula ekhaya ngesikhathi beseNetherlands.

“Into ebengiyikhumbula nje yimoto yami,” kuphetha yena.

Emdlalweni wokuvula weBetway Premiership iChiefs izobhekana neStellenbosch FC e-Athlone Stadium, eKapa, ngo-Agasti 10.