Ubonge isosha elicishe lafela enkundleni uMusa Nyatama beshaya iChiefs
UMusa Nyatama uncome imisebenzi kaKwanda Mngonyama noKeegan Allan okuphele umdlalo eseyolashwa egunjini lokushintshela ngemuva kokushayeka ekhanda.
U-Allan ushayeke kabuhlungwana ekhanda ngesikhathi engqubuzana noDillan Solomons weKaizer Chiefs emdlalweni walamaqembu ngoMsombuluko.
Bese kubalwa imizuzu umdlalo uphele ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko esithusile njengoba kuke kwangathi uyaquleka u-Allan.
Nokho ubuye wavuka, wakwazi ukuzihambela eseyiswa eginjini lokushinsthela la bebesazomelapha khona.
Udlale kahle lo mdlali obebambisene noMngonyama emuva kwiSwallows bephebeza imizamo yeChiefs.
UMusa Nyatama uncome abadlali bakhe wathi bayilandele kahle imiyalelo yakhe njengoba bebedinga lamaphuzu amathathu.
“Bakhombise ukuzimisela. Bahlalile kumacebo ethu noma kunzima,” kusho uMusa Nyatama ngemuva kwalo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium.
“Icebo lethu bekuwukubavala ukuthi bengabi naso isikhala sokudlala ngokukhululeka.
“Sikwazile ukukwenza lokho ikakhulukazi uKwanda noKeegan – kube yisjwa nje ukuthi aphume ngaleya ndlela ngasekupheleni komdlalo…
“Ngethemba ukuthi usesimweni esikahle. Anginaso isiqiniseko ukuthi unjani njengamanje kodwa ngimbone engathi ukahle ngesikhathi ephuma.
“Ngizohamba ngiyombona kahle uma sengiqede lapha. Kodwa yena impela udlale kahle kakhulu,” kuchaza uMusa Nyatama.
ISwallows igcine inqobile kulo mdlalo ngo 2-1, isibeka endaweni engcono nasethubeni lokugwema izembe.
Seyidinga iphuzu elilodwa emidlalweni emibili ukuthi iqinisekise ukuthi nangesizini ezayo izobe isadlala kulesi sigaba.
Amagoli eSwallows ashaywe ngoGregory Damons noBongani Sam. EleChiefs livalelwe enethini nguChristian Saile.
FUNDA NALA: ‘Bebedakwa nabo yini abadlali baMaZulu laba asebebahlambalaza’
Ukuhlulwa kweChiefs kwenza kubonakale sekunzima ukuthi ingaqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership.
Isisalele ngamaphuzu amahlanu kwi-Orlando Pirates ekubeni ihamba phambili ngemidlalo esidlaliwe.
Bekubonakala indlela edlala ngayo ukuthi imiqondo yabadlali seyisemdlalweni weNedbank Cup la bezogadulisana khona nePirates ngoMgqibelo.
By Sbongs Gumbi