Umshayisibhakela ubulawe ehamba nengcwayi yakhe
SIHLE NGUBO
Kushaqeke abaningi kuvela izindaba zokubulawa ngesihluku kowayengumshayibhakela onekhono, uZolani Tete, ngoLwesihlanu.
Kuvele ukuthi uTete, owayangumpetha weWBF Flyweight neWBO Bantamweight, udutshulwe abantu abangaziwa ngoLwesihlanu ngabo-6.30 ntambama, ngokusho kokhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape, uNobuntu Gantana.
Kubikwa ukuthi uTete ubefika ezama ukuvula isango kwakhe ngesikhathi ehlaselwa ngenganono.
“Emizameni yokubalakela imvula yezinhlamvu umufi ushayele imoto yangena egcekeni,” kusho uGantana kwi-eNCA.
“Ngebhadi ubeselimele kakhulu. Uye washonela khona lapho.”
Kuvela ukuthi uTete, obeneminyaka engu-38, ubehamba nengcwayi yakhe eneminyaka engu-27 ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
“Owesimame obesemotweni naye udubulekile kaningana, wase ephuthunyiswa esibhedlela esiseduze ngokushesha. Namanje usesibhedlela.”
Akucaci ukuthi yini imbangela yokubulawa kukaTete ngesihluku esingaka, phambi kwentombi yakhe.
“Abekho abantu abasaboshiwe okwamanje…izigelekeqe zidle phansi futhi azikabanjwa.”
Kunamahlebezi okuthi uTete ubehlela ukubuyela eringini maduze ngoba ubengakadeli ukushaya isibhakela, okuyinto abeyeyiphilela.

