AmankomaneEzakamuva

Umnewabo kaZolani Tete ufisa bajeze abambulele

SIHLE NGUBO

Sekuboshwe abesilisa ababili mayelana nokudutshulwa kubulawe kobengumshayisibhakela odumile waseNingizimu Afrika, uZolani Tete.

Amaphoyisa ase-Eastern Cape aqinisekisile ukuthi kuboshwe abesilisa, oneminyaka engu-30 noneminyaka engu-22, ngokubulawa kukaTete eNU 17, eMdantsane, ngoLwesihlanu ntambama.

Laba basolwa babanjwe Ku Gompo ngoMgqibelo, kulandela ukusukuma kwamaphoyisa ngalolu daba lukaTete, olushaqe abaningi eMzansi.

Njengamanje basesitokisini futhi bahlatshwa ngemibuzo mayelana nokubulala nokuzama ukubulala okuhlangene nowesifazane oneminyaka engu-27, olimale ngesikhathi kudutshulwa uTete.

“Ngenxa yokuba bucayi kophenyo oluqhubekayo, iSAPS ayikwazi ukukhipha eminye imininingwane emayelana nokubopha njengamanje,” kusho isitatimende seSAPS.

“Abaphenyi balandela imikhondo embalwa futhi kungase kube khona abanye ababoshwayo.”

Kuvele ukuthi uTete, owayangumpetha weWBF Flyweight neWBO Bantamweight, udutshulwe abantu abangaziwa ngoLwesihlanu ngabo-6.30 ntambama.

Kubikwa ukuthi uTete ubefika ezama ukuvula isango kwakhe ngesikhathi ehlaselwa ngenganono, kanti ubehamba nowesifazane oneminyaka engu-27 okukholakala ukuthi yintombi yakhe.

Njengoba ebeseneminyaka engu-38 uTete ubengasasidlali isibhakela ngenxa yokumiswa kulo mdlalo. Nokho kukholakala ukuthi ubefuna ukubuyela eringini maduze ngoba ubengakadeli yisibhakela.

USiyabulela Tete, ongumnewabo kaZolani, uthe bafisa umthetho udlale indima yawo.

“Bese sijabulile ngokuthi uZolani uzobuyela esibhakeleni ngoba besibuhlungu ngokuthi ubemisiwe,” kusho uSiyabulela.

“Manje sesithuswa yilokhu okwenzekile singumndeni. Kusenze sabuhlungu kakhulu, asizizwa sikahle.

“Ngendlela okwenzeke ngayo kuyacaca ukuthi kukhona into ehambisana nayo yonke le nto, ngoba akuyona into ejwayelekile.

“Sithandaza uThixo ukuba aveze abenzi bobubi, bakwazi ukuba bajeze ngesenzo sabo esimbi.”