EzakamuvaIbhola

UMark Williams uqaphele ukungahloniphani kwabeChiefs

UMark Williams, owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana phambilini, ukhomba ukungabambisani kubadlali nabaqeqeshi ngezinkinga zeKaizer Chiefs. 

Le nkakha eyashaya amagoli amabili ngesikhathi iBafana inqoba i-Africa Cup of Nations ngo-1996, isola ukushoda kwenhlonipho kwiChiefs. 

“Ngibona ukuthi abadlali beKaizer Chiefs abakamuzwa kahle uCavin Johnson,” kusho uMark Williams. 

UWillimans ubexoxa neMpempe ngemuva komdlalo kaJohnson wesithathu engumqeqeshi obambile kwiChiefs. 

Useshaye imidlalo emibili – okukhona kuwo nokushaywa yi-Orlando Pirates ngoMgqibelo – wanqoba owodwa. 

“Imiyalelo yakhe yokuthi badlale kanjani abakakubambi, kanti nenhlonipho ngibone ingekho kubadlali. 

“Kuneziwombe lapho bekuthi uma ngabe omunye eliphase kabi ibhola, omunye amnekele izandla. 

“Lokho kukhombisa ukungabambisani nhlobo kubadlali,” kuchaza le nsizwa eke yaba ngumhlaziyi kwiSuperSport. 

UMark Williams ukhombe umgadli omusha weChiefs, uRanga Chivaviro, ethi ungomunye wabangabambisene nozakwabo.

“Ngicabanga ukuthi indlela yokudlala efuna uCavin Johnson imlimaze kakhulu uRanga Chivaviro ngoba ubedlala yedwa phambili. 

“Ubengekho umdlali obemnika amabhola, noma eselitholile ubengekho umdlali osondelayo eduze kwakhe ukuze badlale naye. 

“Uma ngabe ubonile, udlalisa abadlali abathathu abangahlaseli esiswini… 

“OSibongiseni Mthethwa, Edson Castillo, Yusuf Maart, Edmislon Dove noZitha Kwinika ngabadlali abangakhuphuki beyohlasela. 

“Bebehleli emuva kakhulu ikakhulukazi esiwombeni sokuqala,” kuchaza le nkakha eyadlala isikhathi eside naphesheya.  

“UJohnson bekungaqondakali ngempela ukuthi ufuna ukudlala ibhola elinjani. 

“Ngicabanga ukuthi akukho lutho olusathathwe ngabadlali beKaizer Chiefs kuye njengoba isenhlakanhlaka ngale ndlela. 

“Ngokubona kwami, leli qembu lisazodonsa kanzima kakhulu ukuthola imphumela emihle. 

“Kuzomele uma ngabe ngempela uCavin Johnson efuna impumelelo, aqinise isitilobho kubadlali. 

FUNDA NALA: Okubhekwe uMartin kuMaZulu ngemuva kweviki elinzima

“Bayabonakala ukuthi balahlekelwe inhlonipho nokuzithemba,” kuchaza uMark Williams.