Umqeqeshi wePirates ucacisa ngokunyamalala kukaMaswanganyi
SIHLE NGUBO
Ukungabonakali kukaPatrick “Tito” Maswanganyi kwi-Orlando Pirates, kuqinisa izinsolo zokuthi lo mdlali angase ajoyine iPyramids SC yase-Egypt.
Leli qembu elicijwa uRulani Mokwena, ongumqeqeshi odabuka eNingizimu Afrika, sekuke kwavela ukuthi lifuna ukumhlwitha uMaswanganyi kwiBucs.
Lo mdlali, oyibamba ngenxele, ubengekho ngisho ebhentshini ngesikhathi iPirates ishaya iSekhukhune United ngo 1-0, emdlalweni womlenze wokuqala kowandulela owamanqamu weMTN8, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo.
Ngesikhathi ebuzwa ngoMaswanganyi ngemuva komdlalo, umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, uphawule ngendlela eshayisa amakhala.
“UTito Maswanganyi akalimele futhi uyingxenye yeqembu,” kusho lo mqeqeshi waseMorocco.
“Simshiye ngemuva okwanamuhla kuphela. Ngeke ngikhulume ngigxile ngalokhu ngoba akulona idokwe eligayelwe mina kodwa yinto yabaphathi (beqembu).
“Angazi noma uzoba yingxenye yeqembu yini ngoLwesibili. Uma engekho sizosebenzisa abadlali abazobe bekhona, abahlonipha umqeqeshi wabo.”
Kungenzeka ukuthi uTito akekho eqenjini ngoba ezama ukuqedela izingxoxo zakhe nePyramids SC.
Ngokubika kweSABC Sports, uMaswanganyi ufuna yiqembu laseBahrain futhi lingase liqede konke nePirates maduze.
Omunye umdlali ongabonakalanga ngoMgqibelo uTshepang Moremi. U-Ouaddou uchazile ukuthi kungani.
“UMoremi wathinteka emdlalweni odlule ngakho besifuna ukumvikela.
“Ngethemba ukuthi ngizoba naye emdlalweni olandelayo, besifuna nje ukumvikela.”
Emdlalweni olandelayo weBetway Premiership iPirates izobhekana neSekhukhune United, e-Orlando Amstel Arena, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
La maqembu azophinde ahlangane emdlalweni womlenze wesibili weMTN8 enkundleni efayo ngeSonto ngo-3 ntambama.
Khonamanjalo iMamelodi Sundowns izotholana phezulu neLamontville Golden Arrows emdlalweni wesibili owandulela owamanqamu weMTN8, eLucas Moripe Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Umlenze wesibili ungempelasonto ezayo, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo.

