Kuyazwela kwabeChiefs ukusolwa ngokufela ibheji ngamathe
Yize ethe bayayihlonipha imibono yezinkakha, kodwa ubezwakala uGiven Msimango ukuthi kuyabesinda ukugxekwa abakutholayo muva nje.
Ukusolwa kwalaba badlali abakhona manje kwiKaizer Chiefs kwenyuke kakhulu ngemuva kwehlazo langempelasonto edlule.
Izinkakha zeChiefs okukhona kuzo oJabu Mahlangu, Mike Rapatsa noJunior Khanye seziphumele obala zasola laba badlali.
Abanye bakubeke kwacaca ukuthi abaphathi kuzomele badedele inqwaba ekupheleni kwesizini, balande abadlali abanohlonzo.
Kodwa uGiven Msimango, ofike ekuqaleni kwale sizini kwiChiefs, uthi uyakuqonda lokhu kugxekwa.
“Uyabona indaba yalokho okushiwoyo kwabezindaba, vele wonke umuntu unelungelo lokuba nombono,” kusho uMsimango kwabezindaba ngoLwesine. “Basho kanjalo ngoba balisebenzela kahle iqembu ngesikhathi sabo.
“Ngakho thina singabadlali abakhona manje siyakuhlonipha lokho.
“Sesiyakuqonda ukuthi siseqenjini elikhulu kakhulu. Sibhekana nokugxekwa nokusolwa uma singenzi kahle okuyinto esiyiqondayo.
“Kumele udlale kahle ngaso sonke isikhathi uma ungumdlali weKaizer Chiefs.
“Kumele ulethe imiphumela emihle sonke isikhathi. Ngakho siyakuqonda ukuthi kungani nokuphoxeka kwabo okuzwakala kwabakusho kwabezindaba.”
Ube esenxenxa ukuthi banikwe ithuba futhi lingalahlwa ithemba ngalaba badlali abaseqenjini njengamanje.
“Esikucelayo wukuthi kuhlalwe ethembeni… Yisizukulwane esisha, esifike namakhono ehlukene eqenjini.
“Ngeshwa okwamanje akubukeki kanjalo ngoba imiphumela iyasiphika.
“Kodwa uma sibheka indlela esenza ngayo kwiligi, iyazikhulumela.
“Ngokwami ngibona senza kahle njengoba singangenelwa magoli.
“Yinto enkulu leyo ngokwami futhi singakhela kuyo bese silungisa nakwezinye izingxenye bese sikhula njengeqembu.”
IChiefs izobe ibhekwe ngabomvu emdlalweni wayo olandelayo okumele igeze kuwo igama layo.
FUNDA NALA: Owaduma kwiPirates neBafana usevolontiya kwelama-amesha
Izobhekana neMoroka Swallows – nayo ezintengezelayo – emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-5.45 ebusuku eFNB Stadium.

