U-Elias Pelembe ungene emabhukwini amahle omlando we-Afcon
Ukaputeni weMozambique, u-Elias Pelembe, uqophe umlando ngokuba wumdlali odlala phakathi omdala kunabo bonke ukudlala i-Africa Cup of Nations (Afcon).
U-Elias Pelembe, oneminyaka engu-40 ukwenze lokhu ngesikhathi ezakhe zibambana ne-Egypt ngo 2-2 emdlalweni wokuvula we-Afcon kaGroup B, eStade Felix Houphouet-Boigny, e-Abidjan, ngeSonto.
Ngokudlala kwi-Afcon eseneminyaka engu-40, uphule irekhodi likaHossam Hassan wase-Egypt, odlale kulo mqhudelwano ena-39 ngo-2006.
U-Elias Pelembe uyinkunzi emdwayidwa esidlalele amaqembu amaningi eNingizimu Afrika.
Lapha sibala iSuperSport United, iMamelodi Sundowns, iBidvest Wits, iPolokwane City neRoyal AM.
Lo mdlali uqale ukudlalela iqembu lakhe lesizwe ngo-2004 kanti usedlale imidlalo engaphezulu kuka-100 eminyakeni engu-20.
ENingizimu Afrika uwine isicoco seligi kathathu namaqembu ehlukene.
Uqale ukuwina iligi neSuperSport, wayiphinda neSundowns neWits. Uphinde wawina iNedbank Cup neSundowns ngesizini ka-2014/2015.
Omunye umdlali obekhona kwiMozambique u-Edmilson Dove weKaizer Chiefs, odlale kahle kakhulu emuva.
IMambas idlale kahle kakhulu kulo mdlalo, ibhekene nabadlali abayingozi abafana nokaputeni we-Egypt, uMohhamed Salah, odlala kwiLiverpool yase-England.
FUNDA NALA: Owenkulisa yeChiefs uphawula ngabahlwithwe yiqembu elikhulu
Ekugcineni i-Egypt ithole iphenathi (sekwengezwe imizuzu eyisikhombisa unompempe), wayibeka phakathi uSalah umdlalo waphela ngo 2-2 umdlalo.

