Kuthele imisebenzi kaBarker iStellies inqoba iCarling Knockout
ALFRED NGUBANE
Ukuzikhandla kukaSteve Barker, eqhubeka nokuthembela kubadlali abasebancane kumthelele izithelo ezinhle ngoMgqibelo ntambama.
Lo mqeqeshi unqobe indebe yakhe yokuqala – nokungeyokuqala yaleli qembu emiqhudelwaneni yomkhumulajezi.
IStellenbosch yiyo engompetha bokuqala bendebe eyethulwe kulo nyaka kwiPSL, iCarling Knockout Cup, ishaya iTS Galaxy sekukhahlelwa amaphenathi.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uSteve Barker uthe kuwumuzwa omnandi kuye ukuthi afeze isifiso sakhe sokunqoba indebe.
Ukuvumile nokuthi umdlalo bewunzima futhi abadlali bakhe bebesindeka kwazise badlale imidlalo eminingi ekuhambeni ngaphambi kowamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Kuwumuzwa omnandi. Yithuba lokubonga uMdali ngokungipha umndeni wami ongesekayo ngaso sonke isikhathi,” kusho uBarker.
“Ngibonga neqembu, likufanelwe lokhu ngenxa yomsebenzi eliwenzayo endaweni yaseStellenbosch… ukuvulela izingane zasendaweni amathuba.
“Ngaphezu kwakho konke, ngibonga abadlali. Bazikhandlile kuyo yonke imidlalo.
“Namuhla ngibonile ukuthi umdlandla bewungemningi. Besihamba kakhulu kulamasonto edlule, sidlala imidlalo eminingi.
“Basebenzile, futhi kubafanele lokhu,” kuchaza lo mqeqeshi othe le ndebe uyinqobele abazali bakhe abangasekho.
Ubale nobabomkhulu wakhe, uClive Barker nomdlali weStellies osemncane obulawe ngasekuqaleni konyaka u-Oshwin Andries.
ULehlohonolo Mojela, okunguyena obeshaye igoli leRockets emdlalweni, uvele wakhumbula ukudlala irabhi, wayishaya yaphuma phezu kwepali iphenathi yakhe.
Umdlali odedelwe yiKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini, wasayinwa yiStellies ukuzovala isikhala sikaSibongiseni Mthethwa othengwe yiChiefs uDarren Macheke nguye oshaye eyokuwina yeStellies.
FUNDA NALA: Okwenze uKomphela ancenge abeSwallows badlale bengaholile
Umdlalo ubuphele zibambene ngo 1-1 kanti iStellies ibingasaphelele sekukhishwe uFawaaz Basadien ngekhadi elibomvu.

