Umqeqeshi wePirates ukhala ngomona kubadlali bakhe
SIHLE NGUBO
Akenelisekile ngeqembu lakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, yize iBucs inqobile ngoLwesibili.
IPirates ishaye iMilford FC ngo 3-0 emdlalweni weCarling Knockout Cup Last 16, e-Orlando Amstel Arena.
Yize kunjalo kodwa u-Ouaddou uyakhala ngabadlali bakhe njengoba ethi abenzi izinto ngendlela afisa ngayo.
Lo mdlalo uye ekhefini kungu 3-0 kodwa iPirates yangabe isakwazi ukushaya amagoli ngesiwombe sesibili.
Cisho yikona lokho okukhalisa lo mqeqeshi othi abadlali bakhe banomona, bathatha izinqumo okungezona futhi abakwazi ukuphatha umdlalo yize benqobile.
“Iningi labadlali bethu linomona. Esikhundleni sokuphasela ozakwabo ukuthi bashaye amagoli, bakhetha ukhahlela bona,” kusho lo mqeqeshi waseMorocco ngemuva komdlalo.
“Uma siqhubeka kanje asizinqoba lutho futhi kumele sikhulume iqiniso.
“Kumele sivuke emaqandeni. Uma udlalela iqembu elikhulu kangaka futhi ufuna ukudlala ezwenikazi e-Afrika, kumele uphaphame.”
Uthe abadlali bakhe abanamava kumele babhukule njengoba bezama ukuvikela isicoco seBetway Premiership nokunqoba iCAF Champions League.
IPirates ivele seyihlulekile ukuvikela indebe yeMTN8 njengoba ishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 kowamanqamu emasontweni edlule.
ICarling Knockout Cup enye yezindebe ezintathu ezinqotshwe yiBucs ngesizini edlule.
Kule ndebe kubukeka kusazoshuba ngoba asekhona wonke amaqembu athathwa njengamakhulu azozama ukuyinqoba.
NgoMgqibelo iPirates izobhekana nezimbangi ezindala iKaizer Chiefs emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngo-3.30 ntambama.
IChiefs nayo izoya kulo mdlalo ishayela phezulu kulandela ukunqoba ngo 3-0 kwiTS Galaxy emdlalweni weCarling Knockout Cup, ngoLwesibili.
Egcina ukuhlangana la maqembu koweligi abambana ngo 1-1 khona eFNB Stadium.
IPirates neChiefs abakashaywa kwiBetway Premiership, kanjalo nompetha base-Afrika iSundowns.

