UMosimane uxwayisa uMokwena ngesimo saseMorocco
UPitso Mosimane, owayecija iMamelodi Sundowns, ukhuza uRulani Mokwena oqeqesha iWydad Athletic Club yaseMorocco, ngokuthanda kakhulu abezindaba.
UMokwena ufike eMorocco kwagcwala mfi esithangamini nabezindaba. Namanje akapheli kwabezindaba futhi naseNingizimu Afrika usaqhubeka nokukhuluma ngokwenzekayo eMorocco.
UMosimane uthi kuzomele akugweme lokhu njengoba esesebenza enhla nase-Afrika.
“Ngiyabona uRulani uhlale esezindabeni, kusho ukuthi uyakuthanda lokho. Kumele aqaphele, akuyona indawo elula leyo (ukuba sezindaneni). Ngikhuluma ngento engiyaziyo,” kusho uMosimane.
Lo mqeqeshi ubehlonishwa ngeziqu zobudokotela e-University of Johannesburg ngoLwesithathu.
“Kuzomele ehlise umoya kancane eMorocco. Kuhlukile akufani naseNingizimu Afrika. Zaqala zakubhedela izinto uba nenkinga. Kufanele adlalele kude nabezindaba. Ngisazokhula naye, ngilinde azinze kuqala.
“Uma kukhona akudingayo, uyazi singabangani, singaxoxa. Kumele athi ukuhlakanipha kancane ngoba izinto azifani naseNingizimu Afrika laphaya, uzofunda ngokushesha.”
UMosimane naye uke wathwala kanzima e-Egypt ngesikhathi eqeqesha i-Al Ahly yize iqembu lakhe lalinqoba. Kwakunokungagculiseki ngamaqhinga akhe nebhola ayelidlalisa. Ezinye izinkakha ze-Al Ahly zamsola ngokuwina ngenhlanhla.
UMokwena ubhekene nomqansa wokunqoba isicoco seligi neWydad, aphinde afake neqembu kwiCaf Champions League.