UBarker ‘ukweleta’ uJomo Sono imbuzi ababheja ngayo
Alfred Ngubane
UClive Barker, owayengumqeqeshi weBafana Bafana namanye amaqembu, ‘ukweleta’ uJomo Sono imbuzi agcina engamnikanga yona yize ayemthembisile.
Lezi zindaba zivezwe nguMlungisi Ngubane ngesikhathi ehambele umngcwabo walo mqeqeshi e-Olive Comvention Centre eThekwini ngoLwesine.
UBarker ushone ngoLwesihlanu olwedlule ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside.
Ziningi ke izigigaba lomqeqeshi abhekane nazo ebholeni njengoba ebengumuntu wabantu futhi ethanda ukuzincokolela.
UBarker wake wabheja noJomo Sono, ethi ngeke alishaye igoli ebhekene neqembu lakhe, wathembisa ukumxoshisa ngembuzi uma elishayile.
Nebala ke uJomo Sono walishaya igoli ngesikhathi esadlala kwi-Orlando Pirates bebhekene neDurban City.
“Kodwa kwathi sekumele athole imbuzi ayethenjiswe yona, ayangabe isaziwa, kwathiwa idukile,” kusho uNgubane ephela yinsini.
UNgubane uxoxe neyokubanjwa kukaBarker inkunzi ngumdlali waMaZulu ayemqeqesha.
Uthe ngesikhathi abadlali bemphakamisela phezulu lo mqeqeshi bejabulela ukunqoba, umdlali thizeni wabe esemkhuthuza, ethatha isikhwama semali.
FUNDA NALA: Kuvela okwenza uClive Barker ayeke amasudi ebhentshini
UBarker uzophinde akhumbuleke nangemisebenzi emihle njengokunqoba iCoca-Cola Cup ngesikhathi ecija AmaZulu, behlula iKaizer Chiefs kowamanqamu ngo-1992.
Waphinda wanqoba iCaf Africa Cup Of Nations (Afcon) ngo-1996 neBafana Bafana.