UMoremi noma uDuba bangaba amaqhawe kowePirates neChiefs
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs izoya emdlalweni wayo ne-Orlando Pirates ingabhekiwe ukuthi inqobe, uma kubhekwa imiphumela yakamuva yala maqembu.
IBucs izokwamukela Amakhosi emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Lo mdlalo ufika ngesikhathi womabili la maqembu ephuma ekunqobeni ngo 3-0 emidlalweni yama-quarterfinal yeCarling Knockout Cup, phakathi nesonto.
IPirates ishaye iMilford FC ngo 3-0, kwathi iChiefs nayo yabhaxa iTS Galaxy ngo 3-0.
Lezi zinkunzi zaseSoweto aziyazi induku emidlalweni yeBetway Premiership selokhu kuqale isizini.
IBucs izoya kulo mdlalo inakho ukuzethemba uma kubhekwa imiphumela yala maqembu yakamuva.
Ngesizini edlule iPirates ishaye iChiefs ngo 3-0 emzuliswaneni wokuqala, kwathi kowesibili kwaphela umdlalo zibambene ngo 1-1.
IChiefs igcine ishaye iPirates ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, ngoMeyi nyakenye.
Amakhosi awanawo umgqigqo omuhle selokhu kuqale isizini, njengoba esedlale ngokulingana imidlalo emihlanu kweyisishiyagalombili aseyidlalile.
Ngakolunye uhlangothi umgqigqo wePirates ungcono kakhulu kunoweChiefs njengoba ikuthola kulula ukushaya amagoli.
Kubadlali bePirates okulindeleke ukuba babe wuhlupho kwiChiefs, kubalwa uTshepang Moremi, oshaye amagoli amabili ngoLwesibili.
IChiefs nayo ingathembela kuWandile Duba, oshaye amagoli amathathu bebhekene neRockets ngoLwesibili.
Bobabili laba badlali baqokwe abalandeli njengabashaye into ecokeme phakathi nesonto, bakhala bemuva no-R100 000 emunye.
Nokho umdlalo womkhaya waseSoweto uhlale unzima kakhulu ukuwuqagela ukuthi uzowela ngakuphi.
Ezinye izindawo ezibalulekile ezizobhekwa onozinti bawo womabili la maqembu, okungangabazeki ukuthi umdlalo phakathi kwawo mkhulu kunayo yonke kanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.
USipho Chaine wenza kahle kweZimnyama, kanti noBrandon Petersen ubuyile kuMakhosi, wangangenelwa yigoli phakathi nesonto.
Udonga lweChiefs nalo lubukeke lungcono kakhulu kudlala uRushwin Dortley, obesehlale isikhathi eside elimele, ebambisene noThabo Moloisane maphakathi emuva.
Esiswini impi kulindeleke ukuthi ibe phakathi kukaThalente Mbatha wePirates, noSibongiseni “Ox” Mthethwa, odlale kahle bebhekene neTS Galaxy.
Umdlali okumele abhekwe ngeso lokhozi yiChiefs, u-Evidence Makgopa, oseke walishaya igoli uma kubhekene lezi zinkunzi zaseSoweto.
Konke lokhu kuzokwenza ukuthi abalandeli bethamele umdlalo omnandi ngoMgqibelo, futhi amagoli alindelekile.
Ngabe uDuba uzoyishayela iChiefs amagoli? Noma uMoremi uzophinde ayibhakuzise inethi kujabule abeBucs?
Konke sekuyohlaluka ngo-5.30 ntambama, selidume ladlula, umdlalo usephelile.

