OweSwallows uhlambuluka ngesimo esibi eqenjini
Unozinti weMoroka Swallows, uDaniel Akpeyi, unethemba lokuthi maduze izinto zizobuyela esimweni esijwayelekile kuleli qembu.
Isimo asisihle kuleli qembu laseSoweto njengoba ikusasa labanye babadlali lingacaci kulandela ukuthi kuthiwe bazoqondiswa ubugwegwe.
Leli qembu libe sematheni ngenyanga edlule kulandela ukuthi lihlulekile wukuyodlala imidlalo emibili yeDStv Premiership.
Kule midlalo iMoroka Swallows kwakumele idlale neMamelodi Sundowns neGolden Arrows ngoDisemba 27 no-30 ngokulandelana.
Lokhu kwakungenxa yokuthi abadlali babetelekile, befuna ukusheshe bawuholele uDisemba ngoba bethi basaba ukuthi bangagcina bengaholanga.
Yabe seyibekwa icala yiPSL, yalivuma qeqde yahlawuiswa u-R1 million ngokutholakala inecala lokuhlambalaza isithunzi sebhola.
Mokho u-R600 000 wale mhlawulo walengiswa ngombandela wokuthi ngeke itholakale inecala elifanayo eminyakeni emibili ezayo.
Usihlalo weqembu, uDavid Mogashoa, umemezele ukuthi kuzoqalwa uhlelo lwangaphakathi lokuqondisa ubugwegwe.
“Ngokwazi kwami kunohlelo lokuqondiswa ubugwegwe kubadlali futhi anginaso isiqiniseko sokuthi umphumela uzoba yini,” usho kanje u-Akpeyi kwabezindaba muva nje.
“Izigcawu bezilokhu ziqhubeka kusukela ngesonto eledlule futhi sithemba ukuthi kuzoba nesiphetho maduze ukuze sibuyele ekwenzeni esikuthanda kakhulu futhi siqhubeke lapho sigcine khona ngonyaka odlule.”
Amanye amaqembu ePSL asevele avulile emuva kokuthi enike abadlali bawo ikhefu kodwa akukho okukhomba ukuthi abadlali beSwallows bazobuyela nini.
“Bekunezinkinga zemali ekilabhini. Uma kukhulunywa ngokukhokhelwa kwabadlali kulele kubaphathi ukuthi benza kanjani.
“Mayelana nabadlali abangayidlalanga le midlalo emibili, kube buhlungu futhi kudumazile.
“Silahle amaphuzu ayisithupha namagoli ayisithupha okuyinqwaba kule ligi.
“Kumele sibheke ukuthi yini esingayithola emidlalweni esele uma izinto sezilungisiwe phakathi kwabadlali neqembu.”
Yize kumkhubile emoyeni okwenzekile, uAkpeyi uthe usebheke ukusheshe akudlulise ukuze agxile ekudlaleni.
“Kuyinto engajwayelekile lena ngoba ngangingayilindele neze ukuthi ingenzeka kimi.
“Kodwa ke yinto eseyenzekile, into esengingayenza wukuqinisekisa ukuthi ayingidonseli emuva ngoba khona ingakuqeda umdlandla.
“Mina ngifuna ukudlala. Ngifuna ukuba senkundleni,” kuchaza lo ozinti weMoroka Swallows odabuka eNigeria.
“Kodw angeshwa kunalento eseyenzekile ephoqe ukuthi ngigcine ngilwela imali nezinye izinto kunokudlala ibhola.
FUNDA NALA: U-Onana ucasuke wafa echizelwa umqeqeshi kwi-Afcon
“Lento ayisona isibonelo esihle kubadlali abasebancane ukuthi bakhuliswe ngokubhekana nale nkinga enjena.”

