I-PSL nesinqumo ngodaba lweSwallows
SIHLE NGUBO
Izovela phambi kwekomiti lePremier Soccer League (PSL) eliqondisa ubugwegwe iMoroka Swallows FC kulandela ukuhudulela phansi igama leligi.
Lokhu kuqinisekiswe umshushisi wePSL, uZola Majavu, ngesitatimende esithunyelwe ngoLwesine ekuseni.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi iMoroka Swallows FC ibekwe icala lokuhluleka ukuziphatha nokudicilela phansi isithunzi sePSL izolo (ngoLwesithathu),” kusho uMajavu esitatimendeni.
“Lokhu kulandela ukuhluleka ukuya emidlalweni emibili yangoDisemba 27 noDisemba 30 ngokulandelana kwayo.
“ISwallows izovela phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe ngoJanuwari 11 ngo-11.30 ekuseni. Akukho okunye esizokusho ngalolu daba kuze kube luyahlalelwa.”
ISwallows yenze isimanga icela kwiPSL ukungayi emidlalweni emibili, obekumele iwudlale neMamelodi Sundowns (ngoDisemba 27), nobekumele iwudlale neLamontville Golden Arrows (ngoDisemba 30).
Abaphathi bayo abafihlanga ukuthi kunokungaboni ngaso linye phakathi kwabo nabadlali, abakhala ngokungaholelwa.
Abakufihli futhi ukuthi banenkinga yemali nokuthi bangase baphoqeleke ukudayisa iqembu.
FUNDA NALA: Okulandelayo sizobona uBobby Motaung enkundleni: Mazinyo
IMaritzburg United kuvela ukuthi isiqaphe ngolokhozi isimo seZinyoni uma zithi ziyadayisa.

