UMpengesi ucacisa eyokungaholi ‘kwamavolontiya’ kwiChippa
Sekuvele imibiko ethi kunabasebenzi abangasawazi nokuthi uyini umholo abasebenza enkulisa yeChippa United, kodwa uSiviwe Mpengesi uyakuchitha lokhu.
Ngokombiko ophume ngoLwesithathu, laba basebenzi bathi uma bebuza ngalokhu kungaholi kwabo, batshelwa ukuthi bangamavolontiya.
I–iDiski Times, okuyiyo eshicilele lo mbiko, ithi laba basebenzi abasakwazi nokufeza izidingo zabo njengoba bengaholelwa nje.
Kuthiwa laba basebenza ophikweni lwenkulisa yeqembu, eqenjini elidlala kwiDStv Diski Challenge. Abanye kuthiwa izinyanga ziyishumi bengawazi umholo.
Usihlalo weqembu, uMpengesi kuthiwa uthe abanalo ihhovisi eGqeberha la iqembu lizinze futhi lidlalela khona imidlalo yasekhaya.
Ukuvumile ukuthi iqembu linaka kakhulu izindaba zeqembu elikhulu njengoba kuwumsebenzi kaSandiso – oyindodana yakhe – noLukhanyo Mzinzi ngomqondisi.
UMpengesi uthe abanabo abasebenzi abasebenza ngokugcwele eqenjini futhi bathathu kuphela abasebenza ankulisa yeqembu.
Labo ngumqeqeshi weqembu leDDC, iphini lakhe nomqeqeshi wabafana abaneminyaka engaphansi kuka-18 nemenenja.
Uthe abanye bayazivolontiyela nje eqenjini ngenhloso yokuhlomula ulwazi lomsebenzi.
“Asinalo ihhovisi ePort Elizabeth, sineqembu nethimba labaqeqeshi. EleDDC lona kwakungahleliwe ukuthi lizoba yinto yaphakade.
FUNDA NALA: Unozinti weChiefs usecele indlela, ufuna ukuyozama engxenye
“Wuphiko nje lokuthuthukisa amakhono,” ucashunwe esho kanje uMpengesi, owaziwa ngokungancengi uma kuziwa kubaqeqeshi.