Ibuhlungu le eyenzeka kwiSwallows inomlando omude kanjena
Umnewethu omdala, uBhekithemba, ngiyohlale ngimbona njengomuntu owangenza nganaka futhi ngathanda unobhutshuzwayo ngisewumfana omncane.
Wayevamise ukulalela ibhola emsakazweni, kanti kwase kuyinjwayelo ukuthi ngibeke indlebe naye, silalele ibhola elalimnandi kakhulu ngaleso sikhathi.
Iminyaka ngaleso sikhathi bekungo-1987, 1988, kanti umnewethu wayezifela ngeMoroka Swallows Ltd.
Indaba yethelevishini yinto esasiyizwa ngendaba ukuthi ikhona. Into esasike siyibone esikoleni ‘yibhayisikobho’.
FUNDA NALA: OwoSuthu uyakwemukela ukugudluzwa oweChiefs kwiBafanaÂ
Mina nje ngathi qwebu konke kuncike emsakazweni, kuthengwa amalahle (batteries) ama-PM9 nama-PM10.
Kuthi uma i-battery seyiphela engakahlangani kahle amasenti, ibekwe elangeni ukuze ibuyise amandla. Kwakuwenza umehluko omncane lokho.
Ukulandela iZinyoni kukamnewethu kwangenza nami ngafufusa uthando lwazo ngaleso sikhathi.
Yayidlala iSwallows ngasekupheleni kwabo-1980 futhi yayiyiqembu laseSoweto elikhulu impela.
Ngikhumbula kahle ngabo-1989 kuya ku-1991, iSwallows ibophele abadlali abafana noNelson Castro, uLes Grobler (uyise kaBradley Grobler), u-Andy Cencig, u-Andrew Ramsden, uNoel Cousin, uCalvin Peterson nabanye. Uma ngingaphosisi noGraham Louw wayekhona kulabo badlali.
Nezikhathi zabo-Andries “Chaka Chaka” Mpondo no-Eric Ramasike, zangifica senguwuqonda futhi ngiwuthanda unobhutshuzwayo.
Kubuhlungu nokho ukubona iZinyoni zibamba ziyeka kanje, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngokuphathwa kweqembu nesimo semali.
Leli yiqembu elangenza ngathanda unobhutshuzwayo nokuthe ngokuhamba kwesikhathi ngagcina ngibhala ngawo emaphephandabeni ehlukene (kusukela ngo-2002).
Namanje ngisaqhuba okufanayo njengoba ngibhalela Impempe.com.
Ngiyohlale ngimbonga umnewethu ngokufaka unobhutshuzwayo kimina ngeminyaka yabo 1980. Shwiii!