CAF Champions LeagueEzakamuva

Inkakha yakuleli isola uMokwena ngenduku etholwe iDowns

UDoctor “16V” Khumalo, owayedlelela iKaizer Chiefs neBafana Bafana, ugxeke uRulani Mokwena ngesikhathi iMamelodi Sundowns ishaywa yi-Esperance ngo 1-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weCaf Champions League ngoMgqibelo.

Okukhalisa kakhulu uKhumalo ukubamba ibhola isikhathi eside kweSundowns kodwa bengayihlaseli i-Esperance.

UKhumalo ubona sengathi uMokwena ubesaba ukuhlasela ngendlela ajwayele ngayo, noma ubevele efuna ukubuya umdlalo uphele ngokulingana eTunisia.

“Lokhu kusidweba sicace isithombe uma ubheka ukuthi i-Esperance ibihleleke kanjani.

“Iyivumelile iSundowns ukuthi iphathe ibhola engxenyeni yayo, kodwa ibingabalimazi ndawo,” kusho uKhumalo kwiSABC Sport.

“Ngokolimu lwebhola besingathi bekungumdlalo wabafana besikole lona okhonjiswe yiSundowns ngoba ibingabalimazi ndawo.

“ISundowns yenze i-Esperance yabukela iyinhle ngoba beyidlala ngale ndlela ebifuna ngayo.

“Bebelindele iSundowns ukuthi ibe yileli qembu ephaselaselana ibhola kahle. Lokho akubalimazi ndawo, akwenzi lutho nje. Ngakho akubukeki kahle.

“Ithe uma iSundowns ishintsha amagiya, ifaka igiya lesihlanu, wayibona i-Esperance ihlakazeka emuva.”

Ukushaywa kweSundowns kuyifakela ingcindezi yokuthi kumele kube iyona eshaya igoli kuqala emlenzeni wesibili eLoftus Stadium, ngoLwesihlanu.

Uma ingavumela i-Esperance ukuthi ishaye igoli kuqala iyobe isisengcupheni yokuwashawa ijezi kwiChampions League.

Komunye umdlalo owandulela owamanqamu weCaf Champions League iTP Mazembe ibambane ne-Al Ahly ngo 0-0.