EzakamuvaiNedbank Cup

Nedbank Cup: UKlate ucoshe ulwazi iSundowns ihubuluza ezakhe

Kwenzeke obekulindelekile ngesikhathi iMamelosi Sundowns iphendula iLa Masia kaDaine Klate isobho emdlalweni weNedbank Cup.

Lamaqembu abebhekene emdlalweni obuseDobsonville Stadium ngoLwesibili ebusuku kanti iSundowns inqobe ngo 6-1 kulo mdlalo.

Nokho uDaine Klate akaphathekanga kabi kakhulu ngoba ubevele ebhele ukuthi abadlali bakhe bacoshe ulwazi oluzosiza ukuya phambili. 

“Kuningi okufundiwe namuhla. Kuningi okwenzekile esingafunda kukho,” kusho uDiane Klate. 

“Sibonile lapho benza khona kangcono nokuthi babukhali kanjani uma beya phambili okuyinto thina esihlulayo. 

“Ngibone sengathi besibuye seqiwe yinjabulo uma sisondela epalini labo bese senza izinqumo ezingafanele.

“Sibe nazo izikhawu la besibacindezela kahle phambili kodwa besivele sitatazele kanti kumele wehlise umoya uma sewusondela laphaya. 

“Yilokho esikutholile nesikufundile kulo mdlalo – kumele sizame ukwehlisa umoya uma sisondela epalini lezitha,” kuchaza lo mqeqeshi.

ISundowns isheshe yakhombisa ukuthi ngeke isinise mahleza kulo mdlalo njengoba kuphele imizuzu engu-25 isihamba phambili ngo 2-0.

Igoli lokuqala lishaywe uGaston Sirino, elesibili kwaba yibhola ebelibekwe phansi ngaphandle kwebhokisi, labekwa enethini uMartias Esquivel. 

USirino ugcine eshaya amanye amabili, waba namathathu kanti amanye amagolii eSundowns ashaywe oTerrence Mashego noLebohang Maboe. 

Igoli lokubika ekhaya leLa Masia lishaywe uFuad Johnson kade kuyiphenathi edalwe uMarcelo Allende esiwombeni sokuqala. 

Le phenathi ingene kade kusewu 3-0 kanti ibukeke iyibuyisela ithemba iLa Masia kodwa esiwombeni sesibili kwacaca ukuthi amava angakuphi.