EzakamuvaIbhola

Bekuyindavundavu, kusho uMokwena ngowezakhe neGalaxy

Uzwakalise ukungesasi neze ngendlela abadlale ngayo umqeqeshi weMamelodi Sundowns Sundowns, uRulani Mokwena, ngesikhathi bebambana neTS Galaxy ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, eMbombela Stadium, ngoLwesibili.

Abafana Ba’Style baphunyuke kancane ekutheni bathole induku okokuqala kule sizini, emdlalweni obekuvele kulindeleke ukuthi ushube.

Okuhlalukile ukuthi iRockets beyingena kuvalwe amehlo emzini weSundowns kusuka umdlalo uqala, igoba amabhola amabi ezinhlangothini.

Leli qembu likaSead Ramovic alizange lihlale emuva beliyixina iSundowns, futhi akumangazanga ukuthi kube yilona elithola igoli kuqala ngesiwombe sesibili.

“Lona ngumdlalo webhola obheda kunayo yonke engake ngazimbandakanya kuyona, ngazo zonke izindlela,” kusho uMokwena obebukeka ebhocobele ngemuva komdlalo.

“Nokho ngizoyibongela iMamelodi Sundowns…”

Okushiwo uMokwena kungachazwa ngokuthi ujabhile ukubona iRockets ikhwela phezu kwabo umdlalo wonke, ize icisho ibashaya.

Igoli leTS Galaxy lishaywe uPuso Dithejane ngomzuzu ka-78, kanti elokulinganisa leSundowns lize noPeter Shalulile ngoka-85.

Ngesikhathi kuqhubeka umdlalo bekubuye kukhuzwe abadlali abebefuna ukudumelana ngezihluthu.

Nangemuva komdlalo kuvulelile ukuthi uMokwena noRamovic bese bekususile lokho, nokuyinto esijwayelekile uma kudlala la maqembu.

ISundowns seyihlanganise amaphuzu angu-73, kanti kusasele umdlalo owodwa weligi ukuze kusongwe isizini ka-2023/2024.

Ngaphandle kwalokho leli qembu selidlale imidlalo engu-52 lingayazi induku. Emdlalweni wokuvala isizini, lapho iSundowns izoqukula khona indebe, izobhekana neCape Town City, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Ukunqoba lowo mdlalo kuyosho ukuthi iSundowns iwageze ubebebe wonke amaqembu angu-15 ePremiership, ngokuhluleka ukuthi ayishaye kule sizini.